UTHUKILE umphakathi waKwaDukuza ngokulahleka komfana (7) okusolwa ukuthi umuke nomfula iSoweto Brigde, maduzane naseDarnal ngoLwesithathu ekuseni.
UMnuz Paul Herbst wabesizo oluphuthumayo i-IPSS Medical Rescue uthe usesho lokuthola umfana luzoqhubeka ngoLwesithathu njengoba elahleke ngoLwesibili ntambama.
UHerbst uthe lomfula ubugcwele phama futhi amanzi asageleza ngamandla.
Uthe basabheka abanye abantu abahlanu okusolwa ukuthi balahlekile KwaDukuza.
“NgoLwesibili, bekukhona ithimba leKMD lifeguards namaphoyisa iK9 Search and Rescue ukuzosiza ngokubheka umfana olahlekile. Ngenxa yesimo sezulu ebesibheda nokuduma kwezulu, usesho lugcine lumisiwe,” kusho uHerbst.
Sekushone abantu abahlanu ngenxa yezimvula ezinamandla KwaZulu-Natal.
Kushone abashadikazi ababili eNanda ngenkathi kunemvula enamandla ehambisana nokuduma kwezulu ngoMsombuluko ebusuku.
Owesifazane (56) nowesilisa (57) abangabashadikazi bebelele emzini wabo oseMaoti, ngesikhathi indlu idilika. Laba bashadikazi bebesaphila ngesikhathi kudilika indlu kodwa bashona lungakafiki usizo.
Owesifazane (24) obehlala eMantshentshetheni, kuMasipala uKhahlamba, ushaywe yizulu esendlini washona.
Isiphepho esinamandla esigasele eMidlands sikhiphe izimbili kwalimala abawu-20 eMpolweni, ngaseWartburg.