KUFUNWA owesilisa omataniswa necala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-15 eCato Manor, eThekwini.
Lo wesilisa okuthiwa uneminyaka elinganiselwa ku-20, ufunwa wuphiko lwamaphoyisa abhekelele uDlame lweMindeni, ukuVikelwa kweZingane namaCala oCansi, eBrighton Beach.
Amaphoyisa akhiphe umfanekiso walo mlisa okuthiwa mncane ngomzimba, mfishane. Kuthiwa umnyama ngokwebala kanti ufake nezinyo legolide. Ufuneka ngesigameko esenzeka ngoFebhuwari 6 ngezithuba zabo-6 ntambama.
Kulesi sigameko kwadlwengulwa intombazane emgwaqweni uDunbar, eCato Manor. Icala lavulwa khona esiteshini samaphoyisa eCato Manor.
UColonel Thembeka Mbele wamaphoyisa eKZN uthe bacela noma ngubani onolwazi ngalo mlisa axhumane nomphenyi wecala uDetective-Sergeant Buthelezi ku-072 563 1273 noma bashayele iCrime Stop ku-08600 10111.