AMAPHOYISA acela ukufuniswa abazali noma izihlobo zengane eyatholakala isanda kuzalwa ilahlwe emgqonyeni emva kwehhotela eligudle ulwandle enkabeni yedolobha eThekwini.
Amaphoyisa athi ngoJulayi 10, ngo-22:15 ebusuku, ingane yatholwa ngamaphoyisa iphila emgqonyeni eBescombe Place.
Kusolakala ukuthi unina wayilahla kulo mgqomo emva kosuku eyitetile.
Okhulumela amaPhoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokulahlwa kwengane wuphiko lwamaphoyisa oluphenya ngamacala asemndenini, ukuvikelwa kwezingane nathinta ucansi eDurban Central.
UCol Mbele ucele noma ngabe ubani oyaziyo ingane noma abazali bayo okanye owabona lona wesifazane eyilahla ingane ukuthi axhumane noDetective Constable Dludla enombolweni yocingo ethi: 061 375 4876.
Angashayela nakwaCrime Stop enombolweni ethi: 08600 10111.
Phambilini inhloko yophiko lwamaphoyisa eMkhandlwini iTheku, uMnuz Steve Middleton waveza ukuthi ayithatha ayinakekela, eyihlinzeka ngakho konke okudingwa umntwana amaphoyisa kaMasipala.
UMiddleton wathi isimo sempilo yale ngane saqale sahlolwa nguCapt Dean Nieuwoudt.
“Amaphoyisa aze ahlanganisa imali yawo ayithengela amanabukeni, izimpahla zokugqoka nokudla, ayinakekela ingane ngesikhathi elinde osonhlalakahle. Ingane idluliselwe emaphoyiseni aseDurban Central,” washo kanje uMiddleton emva kokutholakala kwale ngane.