KUTHUNGATHWA izigebengu eziphange isitolo esidayisa ubucwebe enxanxatheleni yezitolo ePavillion, eThekwini ngoLwesithathu.
Kube nokudubulana phakathi konogada neqembu lezigebengu, okuholele ekulimaleni komthengi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kusolakala ukuthi owesifazane ubekade esebenza kwesinye sezitolo esikule nxanxathela, ngesikhathi kugasela abesilisa abebehlome ngezibhamu.
UCol Mbele uthe owesifazane ubikele amaphoyisa ukuthi la madoda abe esebakhomba ngezibhamu nomunye umsebenzi, abashaya efuna ngodli ukhiye wesisefo, abagcine bewutholile.
“Babe sebekhipha khona ubucwebe obuningi, okukhona kubo amaringi nemigexo.Kuthiwa kunonogada obekade esebenza obonile obekuqhubeka esitolo, obe esebhekana ngqo nalezi zigebengu kwase kuyadutshulwana,” kusho uCol Mbele.
UCol Mbele uthe omunye wabathengi obekade ezihambela uthelwe ngamachaphazelo, wadubuleka edolweni waphuthunyiswa esibhedlela eyokwelashwa.
Kuthiwa omunye wabasebenzi ulimalile ebusweni nasemzimbeni ngesikhathi eshaywa ngesidunu sesibhamu yizigebengu ebeziphanga.
UCol Mbele uthe izigebengu zishaye zachitha nobucwebe obungaziwa ukuthi bungabiza malini kodwa unogada obedubulana nabaphangi akalimalanga.
Kuvulwe icala lokuphanga, elokushaya ngenhloso yokulimaza nelokuzama ukubulala eliphenywa ngamaphoyisa esiteshini saseWestville.
I-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana ngalesi sigameko iveza izigebengu zidonsa isikhwama esigcwele ubucwebe futhi zidubula. Kuzwakala ukuqhuma okukhulu komsindo wezibhamu nowabantu abakhuluma sakumemeza.
Kube nezigameko ezehlukene zokuphangwa kwezitolo ezidayisa ubucwebe kulo nyaka.
NgoJanuwari 15 kwangenelwa esisenxanxatheleni yezitolo eGateway, kwalandela esenxanxathela eCrescent khona eMhlanga ngoJanuwar 19. Kuphinde kwangenelwa inxanxathela yezitolo eMgungundlovu.
Abaphangi bashaya bachitha nobucwebe.
Lezi zigameko zilandela esangoNovemba nyakenye eGateway, lapho kwaphangwa khona isitolo esinguzakwabo walesi esiphangwe ePavillion kuthangi.