Kuphenywa amacala amane okubulala enzeke eDundee
Image: SAPS
Amaphoyisa KwaZulu-Natal athungatha abasolwa ababili ngamacala okubulala abantu abane endaweni yaseMzomusha, eDundee ngoLwesihlanu ntambama.
Kubikwa ukuthi izisulu ezimbili zabesilisa, ezineminyaka engu-31 no-35 ubudala, bezingaphandle kwendlu ngesikhathi kufika abasolwa ababili bavulela ngenhlamvu bebhekise kubo, bashonela khona lapho.
Abasolwa babe sebeqhubeka ngaphakathi endlini lapho bekukhona abantu abathathu.
Kubikwa ukuthi abasolwa bafuna imali nezidakamizwa kowesifazane oneminyaka engu-29.
Kubikwa ukuthi kube nokuhilizisana phakathi komsolwa oyedwa nalo wesifazane ohlonziwe nokuphethe ngokuthi adutshulwe amahlandla amaningi. Abasolwa kuthiwa bamseshile bathatha isamba semali esingadalulwanga. Intombazane eneminyaka engu-14 ubudala nayo idutshulwe amahlandla amaningi yashonela endaweni yesigameko.
Kuthiwa bekukhona nowesilisa okubikwa ukuthi ukwazile ukuphuma endlini ngemuva kokuzwa umsindo wesibhamu sokuqala, wasinda kanjali.
"Imbangela yalokhu kubulala kusolakala ukuthi ngukugebenga, nokho-ke, umbango ohlobene nezidakamizwa ngeke ukhishwe," kusho amaphoyisa.
Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngesigameko nokuthi abasolwa bakuphi ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze.