ZISAGCWELE amathafa izigebengu okuthiwa zidubule owesifazane waseMlaza wafa ngesikhathi zimphanga.
Kuthiwa uNksz Susan Xolo (35) ubesendleleni eya emsebenzini eMlaza kwa-P ngoMsombuluko ekuseni ngesikhathi evinjwa ngabantu abangaziwa bemphanga izinto zakhe okubalwa kuzo iselula, isikhwama nokunye ngaphambi kokuthi bamdubule kaningi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala.
“Kusolakala ukuthi owesifazane (35) ubesendleleni eya emsebenzini ngezithuba zawo-5 ekuseni ngesikhathi ehlaselwa abantu abangaziwa abamdubule washonela khona lapho. Umgilwa ubenamanxeba okudutshulwa emzimbeni nasekhanda,” kusho uZwane.