Izindaba

Kufunwa ababili ngecala lokusocongwa kwephoyisa laseMzimkhulu

Nkosikhona Cele|Published

USANELE Mthembu ofunwa ngoKlebe

Image: Sithunyelwe

UPHIKO loKlebe lwasePort Shepstone oGwini oluseningizimu yeKwaZulu Natal oluphenya amacala abucayi, luphansi phezulu lufuna uSanele Mthembu noXolani Ndlovu obuye abe ngowakwaNgobese.

Laba ababili uMthembu noNdlovu kuvela ukuthi bangaba wusizo olukhulu ecaleni lokubulawa ngokudutshulwa kukaSergaent Ntombi Mbanjwa (33) esigamekweni esenzeka eMzimkhulu lapho ayehlala khona. Lesi sigameko kuvela ukuthi senzeka ngo-Ephreli 11, 2024.

Kuvela ukuthi kunabanye asebekhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngaleli cala okunguSergeant Ntokozo Mngqithi noBhungane Hadebe. Kuvela ukuthi uSanele Mthembu wagcina ukubonakala kwaDambuza, eMgungundlovu lapho ayegijima eya e-tuckshop. Kodwa kuvela ukuthi ngokudabuka ungowaseBulwer.

UNdlovu yena kuvela ukuthi wagcina ukubonakala e-Edenadale, eMgungundlovu. Phambilini wayehlala eCapital City ezisebenza ephila ngokushayela imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile.

Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nalapho okungatholakala khona laba ababili ukuba ashayele uWarrant Officer Sipho Mnguni kwethi:082 556 9559.

UXOLANI Ndlovu ophinde aziwe ngowakwaNgobese

Image: Sithunyelwe