KUNGASE kube nezinguquko ezinhlelweni zomhlangano kaJulayi waminyaka yonke webandla lakwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni oluholwa iNkosi uMduduzi "UNyazilwezulu" Shembe. Lokhu kulandela ukuthi uhlangothi lwaseThembezinhle oluholwa yiNkosi Phinda "UKukhanyakwelanga" Shembe, luthenge indawo iNtanda, eNdwedwe, ebisetshenziswa yizintombi zaseBuhleni ukukha izintingo eziyiswa kuNyazi eBuhleni, uma kuqala umhlangano kaJulayi.
Izintombi ziya eNtanda zihamba nabaphathi bazo zifike zikhe izintingo, zilalele izwi futhi zigobe amadlangala khona. Ngakusasa, zivuka ziye eBuhleni zithule izintingo kuNyazi, ziviliyele kube kuhle kudele.
Ukuthengwa kwale ndawo kusho ukuthi abaseBuhleni ngeke besakwazi ukuyisebenzisa kusukela kulo Julayi, njengoba sekungeyaseThembezinhle. Kuthintwa uMshumayeli Chancey Sibisi, waseThembezinhle, ukuqinisekisile ukuthi le ndawo bayithengile.
"Njengoba ngikhuluma nawe nje, ngikhona siyalungisa ngoba le ndawo kufanele siyisebenzise ngoJulayi," kusho uSibisi kuzwakala ukuthi uneme.
Uthe le ndawo umuzi omdala wakwaShembe owawubizwa ngeBethlehem Judiya, okwathi uma kuba nezingxabano ebandleni ngo-1976, yagcina ithengwe umndeni wabamhlophe wakwa-Armstrong.
Uthe abaseThembezinhle baphinde bayithenga kuwona lo mndeni emva kokuzikhalela kuwo. Ebuzwa ukuthi njengoba abaseBuhleni bebe yisebenzisa le ndawo kuzokwenzekani, uthe: "Sinenkosi yethu, thina bantu ngeke sasho ukuthi benzenjani futhi ngeke sithi siyabamema. Uma besafuna ukuqhubeka nokuyisebenzisa, kuyoya ngokuthi bacela kanjani, esikwaziyo ukuthi sivusa umuzi omdala kaBhombela."
Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe uShembe akaze aphazamiseke uma enza umsebenzi wasezulwini. "Ngisho uShembe angathi izintombi azilulande eMlaza uthingo noma eNkosini yamaQadi noma kuWest Street, kuyoba njalo. Izinhlelo zasezulwini zihlale zikhona oNyazini," kusho uMncwabe.
Uthe lolu daba uqale ukuluzwa ngonyaka odlule.
Uqhube wathi, uShembe unemfihlo yakhe yedwa ngakho-ke abantu nezintombi abangakhathazeki. "Silinde izwi loNyazi elizotshelwa khona ngabasezulwini, abantu abeze eBuhleni, uyangena umdedele mhlaka 1 Julayi, zonke izinhlelo zihamba kahle kakhulu, akukho okungeke kwenzeke," kusho Mncwabe.
Ephetha, uthe baphuma nasentabeni iNhlangakazi baya "ezweni lesithembiso iKhenana ngoba singafuni kuchitheke igazi".