KUNGASE kube nokuphazamiseka ezikhungweni zemfundo ephakeme uma sekuvulwa njengoba abasebenzi basemahhovisi eNational Student Financial Aids Scheme (Nsfas), besabisa ngesiteleka.
Abasebenzi abangaphansi kweNational Education Health & Allied Workers’ Union (Nehawu), bathi isiteleka abasihlelayo siwumthelela wokuhluleka kwezingxoxo nabaqashi ngezinto abanganelisekile ngazo. Phakathi kwezikhalo abanazo kubalwa ukunganeliseki ngemiholo, ukufakwa kwabazali babasebenzi beNsfas esikhwameni seMedical Aid kodwa izindleko zikhokhwe umqashi. Bafuna nokuthi kuqashwe ngokugcwele abasebenzi abanikezwe izinkontileka zokusebenza.
Bafuna banyuselwe imali abasebenzi abahlanzayo, ukubuyekezwa kokukhokhelwa kancane kwabasebenzi okwakumele kwenzeke ngo-2015 nokunye. INehawu iveza ukuthi zonke lezi zikhalo zathunyelelwa umqashi ngoSepthemba 20 nango-Okthoba 24 emihlanganweni yokubonisana kodwa zangaphumelela. Isitatimende esithunyelelwe Isolezwe siveza ukuthi emhlanganweni wokugcina umqashi wathi ufuna ezinye izincazelo ngezikhalo ezilethwe abasebenzi. Kuvela nokuthi inyunyana isihluleke yancama ukuhlangana nabaphathi ukulungisa isimo. Okucasula inyunyana ukuthi umqashi ubuye washintsha ithimba ebelengamele izingxoxo, ebona sengathi yizindlela zokuhudula izinyawo ekulungiseni izikhalo zabasebenzi.
Abasebenzi bakhala nangokugqilazeka kwabo uma sekulungiswa izicelo zabafundi.
“Asifune noma iyiphi indlela ezokwenza ukuthi abasebenzi bethu basebenze kanzima ekubeni bayakhandleka kumanje ngenxa yokungahleleki komqashi. Ukungazwelani nathi komqashi kuyasiphoqa ukuthi singenele isiteleka. Nathi besingazimisele ukuthatha lesi sinqumo esibuhlungu, esingaphazamisa abafundi abafake izicelo nonyaka,” kusho isitatimende.