Izindaba

Kufihlwe abahlanu abashone engozini yemoto bephuma emsebenzini

SILINDILE NTOMBELA|Published

Inkonzo yomngcwabo kaMnuz Bongani Mthembu (29), Celumusa Khathi (20) noNks Nana Ngubane (35), Zinhle Khumalo (27) noMnuz Sanele Ndawonde (28) ibisenkundleni yezemidlalo eVerulam ngeSonto lapho behlonishwe khona okokugcina. Isithombe: Bongani Mbatha / African News Agency (ANA) Inkonzo yomngcwabo kaMnuz Bongani Mthembu (29), Celumusa Khathi (20) noNks Nana Ngubane (35), Zinhle Khumalo (27) noMnuz Sanele Ndawonde (28) ibisenkundleni yezemidlalo eVerulam ngeSonto lapho behlonishwe khona okokugcina. Isithombe: Bongani Mbatha / African News Agency (ANA)

OWAYEYIKHANSELA  lakuwaerd 58, eThekwini  uMnuz Mxolisi Ndzimbomvu uthi kumele kucutshungulwe udaba lomqashi wabane baseWaterloo abashone engozini yeveni neloli  lokungabahlinzeki ngezokuthutha njengoba kuvele ukuthi laba babecela ukugibela kuleliveni bephuma emsebenzini.

UNdzimbomvu ukhulume kanje emngcwabeni wabahlanu kwabayisishiyagalombili abashone ngenkathi kushayisana iloli neveni emgwaqweni uM27 eMdloti ngoMsombuluko owedlule.

Uthe laba bebesebenzela enye yezinkampani ezisesikhungweni samabhanoyi iKing Shaka.

“Ngokuthola kwami laba babecele ukugibela kuleliveni bebuya  emsebenzini. Bajwayele ukucela ukugibela ezimotweni ezidlula kulo mgwaqo ngoba umqashi wabo engabahlinzeki ngemoto yabasebenzi yize kwezinye izikhathi bephuma ebusuku kakhulu. Sihlele ukuhlangani nalomqashi ukuze sicubungule loludaba,” kusho uNdzimbomvu.

Inkonzo yomngcwabo kaMnuz Bongani Mthembu (29), Celumusa Khathi (20) noNks Nana Ngubane (35), Zinhle Khumalo (27) noMnuz Sanele Ndawonde (28) ibisenkundleni yezemidlalo eVerulam ngeSonto lapho behlonishwe khona okokugcina.

Lo mngcwabo ubuhanjelwe iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, amakhansela, aboMnyango wezokuThutha, abafundisi namalungu omphakathi.

UNkk Gumende uthe muva nje iTheku legubuzelwe ifu elimnyama. 

Uthe iTheku lidinga imikhuleko ngenxa yezigameko eziningi ezidlule nemiphefumulo yabantu.

“Siqale sahlaselwa izikhukhula ezidlule nemiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-70, kwalimala impahla nengqalasizinda, manje sekube nengozi edlule nemiphefumulo eminingi. Kubuhlungu ngoba silahlekelwe intsha eyikusasa lezwe,” kusho uNkk Gumede.

Kuvuke umunyu kwaqhuma nesililo kumalungu emindeni ngenkathi kubizwa amagama abashonile.

Okhulumele imindeni nothulwe njengoMam' Shinga ubonge ukuxhaswa nokubambisana ukuze kufihlwe lawa malungu amahlanu.

Ikhansela laku ward 60 uMnuz Fakazi Mdletshe uthe umphakathi waseMahlabathini ugqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kwamalungu amane awo.

“Kushone abantu abebesebasha futhi imindeni nomphakathi ububheke lukhulu kubo, ngakho silahlekelwe kakhulu njengomphakathi,” kusho uMdletshe.