KUSHONE umsolwa kwalimala omunye ngenkathi bedubulana namaphoyisa ePhoenix ngoLwesibili ntambama.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa asePhoenix abeqaphe ubugebengu ngesikhathi ebona imoto ebipakiwe ngaphandle komuzi osemgwaqweni uWetfern. Le moto kuthiwa ibivulwe izicabha zangemuva.
Abone owesilisa ephuma ephethe okuthize esandleni, athe uma emumisa wavele wangena emotweni ebinozakwabo kwase kuyadutshulwana. Abasolwa babaleke baya ngaseBhambayi, eNanda nokuyilapho imoto yabo ishayise khona, bayishiya babaleka bedubula bebhekise emaphoyiseni.
Ngesikhathi kudutshulwana kushone umsolwa oyedwa.
Umsolwa (25) uboshiwe, abathathu babaleka. Kutholakale izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni nezinhlamvu eziwu 23 komunye wabasolwa. Omunye umsolwa ubuye waboshwa emva kophenyo olwenziwe amaphoyisa asePhoenix.
UColonel Mbele uthe abasolwa bazovela enkantolo yeMantshi eVerulam kusasa ngamacala okuzama ukubulala, ukuphatha izibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.
Ukhomishana obambile eKZN uMajor General Thulani Gonya uthe: “Ngiyajabula ukuthi akekho olimele emaphoyiseni. Izigebengu kumele zazi ukuthi amaphoyisa ayohlale ezivikela uma ehlaselwa.”