KUYE ngamagama enkehli umphakathi waseKagiso uvala thaqa imigwaqo ephuma kuleli lokishi kusukela emgwaqeni omkhulu, uMain Reef.
Lo mphakathi ufunge wagomela ukuthi uzokhuculula yonke imfucuza ehambisana namaZama Zama kule ndawo ngenxa yobugebengu nokuhlaselwa kwabantu.
Ukugetshengwa nokudlwengulwa kwabantu besifazane kuthiwa yinto yemihla ngemihla kule ndawo kodwa isigameko sangesonto eledlule sokudlwengulwa kwabesifazane abayisishiyagalombili yiqulu lamadoda sithuse abaningi.
The Kagiso community has refused to open the main reef road as they continue with the shutdown . Community leaders say they will be marching to the nearby mine shafts where #ZamaZamas are expected to be. They say @SAPoliceService are aware. @eNCA pic.twitter.com/04H3LpXW8u
— Nqobile Madlala (@NqobileMadlala_) August 4, 2022
Ephawula ngombhikisho wanamuhla nemibiko yokufa komuntu oyedwa, uTyrone Gray, oyimeya kuleli dolobha, uqinisekisile ukuthi ngempela ukhona oshonile kodwa akakwazi ukuqinisekisa ukuthi yiZama Zama.
“Yebo, ngempela ukhona oseshonile kodwa angikwazi ukuqinisekisa ukuthi yiZama Zama yize ebegqokise okwalo,” kusho yena.
Umphakathi usaqhubeka nomkhankaso wokukhuculula kule ndawo njengoba udiliza nemikhukhu okusolakala ukuthi isetshenziswa ngamaZama Zama.
Watch : Kagiso residents in Mogale City have shutdown the area as a result of illegal miners known as Zama Zamas #KagisoShutdown @thaboBlac pic.twitter.com/b5fqjJ68bS
— POWER987News (@POWER987News) August 4, 2022