KUFE owesifazane ngesikhathi amalungu amane omndeni ehlaselwa eNanda Newtown A ngoMgqibelo ebusuku.
Amaphoyisa aphansi phezulu athungatha abahlaseli. Amalungu amane, umama nezingane ezintathu, kuthiwa ahlaselwe esendlini, agwazwa.
Kuthiwa abahlaseli bebefuna ilungu lomndeni elithile.
Ngesikhathi uhlaselwa umndeni umemezile wase uzwiwa wumakhelwane owuphuthumise esibhedlela.
Umama ugcine eshonile, izingane zakhe zisesimeni esibucayi esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala nawokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eNanda.
“Ngokophenyo oselwenziwe amadoda amabili angene emzini osemgwaqweni Isivumelwano eNanda. Kugwazwe amalungu amane omndeni. Kushone owesifazane oneminyaka ewu-51 emtholampilo wasendaweni. Abanye bayiswe esibhedlela lapho belashwa khona. Uphenyo lusaqhubeka. Akekho osaboshiwe,” kusho uCapt Gwala.