UPHITHENE amakhanda umndeni oshonelwe ngamalungu angu-13, engozini yemoto ngenkathi besendleleni bephuma emcimbini wokukhunyulwa kwenzilo ngoMgqibelo, KwaMashayelani, eKilmun ngaseBulwer.
Lo mndeni wakwaMndali ugingqike netekisi okuthiwa ibigijima. Amalungu omndeni abesetekisini ngoNkk Zatholani Mndali, Mnuz Mlekeleli Mndali, Mnuz Njabulo Mndali, Nkk Malindi Mndali, Nkk Balungile Mndali, Nkk Nobuhle Mndali, Nkk Thabisile Dlamini, Mnuz Nhlakanipho Nzimande, Nkk Nompumelelo Nzimande, Mnuz Mathumisi Mndali, Lindelani Sizake, Mnuz Sandile Mndali no-Enzokuhle Mndali.
Kuthiwa oyedwa wabo olimale kanzima uyelashwa esibhedlela. Ngesikhathi Isolezwe lihambele umndeni isimo besimuncu.
UNksz Zuziwe Mndali (29), uthe bafe olwembiza ngokuhanjelwa ngamalungu omndeni abebethembele kuwona ekhaya.
“Itekisi eshayisile besiphila ngayo nale eyodwa esalile. Abafowethu abashonile bekuyibo ebesibabhekile ngoba bebezibambela ematekisini. Sisele sodwa nobaba, kwayena akasebenzi,” kusho uNksz Mndali.
Kwenzeka le ngozi nje, kuthiwa lo mndeni udlule esimeni esifanayo ngonyaka odlule lapho kwashona amalungu amahlanu engozini eyodwa.
UNksz Thonqo Dlamini oyindodakazi endala, uthe basathuthumela uma becabanga ngokushona kukamakoti wakubo nozalo.
“Umakoti ufike wavusa umuzi walapha ekhaya emva kokushona kukamama. Besingazi ukuthi ubenza kahle kanje kanti uzosishiya. Nomfowethu ebesinethemba ngaye, usishiyile,” kusho uNksz Dlamini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe: “Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso. Amaphoyisa ayaphenya.”