KUBHUJIWE engozini eyenzeke phakathi kweveni nemoto encane emgwaqweni u512 eRenosterspruit, eBloemfontein, namhlanje ekuseni njengoba kudlule emhlabeni abantu abahlanu.
Okhulumela inkampani yezimo eziphuthumayo i-ER24, uMnuz Russel Meiring, uthe bafike endaweni yesigameko ngezithuba zabo7 ekuseni bafica iveni nemoto encane phakathi nomgwaqo.
Zombili izimoto bezilimele ziphelile kule ngozi enyantisayo.
"Uma sebehlolisisa kahle eduze, abezimo eziphuthumayo bafice abagibeli abahlanu belimele kabi emotweni encane. Akukho obekungabe kusenziwa ngoba bebengasekho emhlabeni," kuchaza uMeiring.
Uthe umshayeli weveni, otholwe ehleli ngemuva kwemoto yakhe, uxilongiwe ngabezempilo kwatholakala ukuthi ulimele kabi.
Eqhuba uthe lo mshayeli welashiwe maqede waphuthunyiswa esibhedlela esiseduze.