KUSHONE abantu abayishumi ku-N1 South ngasezimpambanweni zase-Buccleuch eGoli engozini yetekisi izolo ntambama.
Umshayeli kuthiwa uphunyukwe yitekisi layoshayisa udonga eceleni komgwaqo.
Kuphazamiseke ukuhamba kwezimoto izinhlangothi zombili.
Abengakadalulwa amagama abalimele nabashonile.
Amaphoyisa athe kusaphenywa ngembangela yengozi.
Abezimo eziphuthumayo bathe basebenze kanzima njengoba abanye abagibeli belimele kanzima, balashwa base bephuthunyiswa ezibhedlela.
Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda uxwayise abashayela budedengu esifundazweni ukuthi kuzophela amahlathi.
Ukusho lokhu emngcwabeni wabayisikhombisa eLouwsberg ngaseVryheid, abashona engozini yebhasi phakathi kwakaNongoma naseVryheid ngeledlule.