Izindaba

Kufe abathathu indoda ivulela ngenhlamvu emndenini

Zimbili Vilakazi|Published

UMNUZ Mthabi Sibiya Isithombe: SUTHUNYELWE

IBIQEDA kubuya esontweni indoda yaseNtandakuvela, oLundi evulele ngenhlamvu emalungwini omndeni wayo amane nomakhelwane, ngaphambi kokuthi izidubule nayo.

Kulesi sigameko esenzeke ngoMgqibelo ntambama, kushone amadodana kamsolwa uMnuz Mjabuliseni Joseph Sibiya (64) amabili, okungoMnuz Themba ‘S’bhamu’ Sibiya (39) noMthabi Sibiya (34).

UMNUZ Mthabi Sibiya Isithombe: SUTHUNYELWE

Bathathu abaphuthunyiswe esibhedlela belimele kabi.

Kubona kukhona unkosikazi kamsolwa, uNkk Sizakele Sibiya (58) okuthiwa udubuleke esifubeni, esiswini nasengalweni.

Kukhona nendodana kamsolwa engumagcino, uMnuz Minenhle Sibiya (28) okuthiwa idubuleke esiswini.

UMNUZ Themba ‘S’bhamu’ Sibiya Isithombe: SUTHUNYELWE

Owokugcina kube umakhelwane, uMnuz Musawenkosi Sikhakhane (44) okuthiwa udubuleke esiswini ngesikhathi naye ezama ukulamula.

Enye indodana kamufi ebikhona ngesikhathi kwenzeka umshophi, uMnuz Gola Sibiya, ithe umsindo ususwe ukuthi ithengele unina umbhede negrosa, imjabulisa.

UMnuz Mjabuliseni Joseph Sibiya Isithombe: SITHUNYELWE

Ithe ngenxa yokuthi ubudlelwane phakathi kwayo noyise bese bububi ngendlela yokuthi ibingasalubhadi ekhaya, icele uS’bhamu noMthabi ukuba bayiphelezele ihambise izinto ezinhle ezithengele unina.

“Singene silandelana, mina bengingemumva, silethe umbhede negrosa. Wavuka inja ebomvu ubaba, ethi umbhede negrosa okuthengwe yimi akakufuni emzini wakhe. US’bhamu wenze konke okusemandleni emncenga ukuze asamukele isipho ebengisithengele umama, wagcina evuma ke. Sazishiya izinto sahamba,” kusho uGola.

Uthe bekungakapheli nesikhathi esingakanani ngesikhathi bethola ucingo luvela kunina, ekhala ethi ucela usizo.

Uthe bajikile babuyela emumva, bathi uma befika bazithela kuyise obesevuke inja ebomvu, exabana nonina, unina ekhala, ethwala izandla ekhanda.

“Singene silandelana, uMthabi obephambili, wabuza ubaba ukuthi kungani ehlukumeza umama, uphimise amazwi athi ‘baba kungcono ubulale mina kunokuhlukumeza umama’, ilapho avele wakhipha khona isibhamu wamdubula ngempela uMthabi,” kusho uGola.

Eqhuba uthe ulandelise ngoS’bhamu, kwaba uMinenhle, kwaba uMusawenkosi, wagcina ngonkosikazi wakhe, wase ezidubula naye.

“Ngivele ngabaleka ngayocasha ngoba bengibona ukuthi lo muntu udubula okwangempela futhi ngendlela enza ngayo uzimisele ngokudubula kwasani oluzama ukusondela kuyena,” kusho uGola.

Echaza ngobudlelwane bakhe noyise uthe bonakala ngo2020 ngesikhathi ebizelwe umhlangano womndeni ukuze azokhuzwa ukuthi akayeke ukushaya unkosikazi wakhe.

“Wavele wangikhiphela sona lesi sibhamu, esikaza ukungidubula. Ngamtshela ukuthi angaphinde angikhiphele isibhamu ngoba ngizombika emaphoyiseni ukuthi siyamhlula isibhamu sakhe. Ilapho ke engagcina khona ngci ukubeka unyawo lwami ekhaya. Bese ngizihlalela kwagogo, nokuyilapho ngikhulele khona vele,” kusho uGola.

Uthe kunzima ukusho ukuthi yini ebidala ukuthi uyise abe nolaka olungaka ngoba ubengaphuzi engabhemi, kodwa futhi ubexabana nawo wonke umuntu ekhaya, aze ababeke isandla.

“Wake washaya ngisho uyise omzalayo. Umama yena ubephela yinduku aze athuthe izimpahla zakhe abuyele kubo, omalume bahlale naye phansi ubaba ngodaba lokushaya kwakhe umama, azehlise, athembise ukuthi ngeke aphinde amshaye, kodwa aphinde futhi,” kusho uGola.

Uthe ubuhlungu ababuzwayo abuchazeki.

“Ngabe kungcono ukuthi uzibulale yedwa, ayeke phansi abafowethu. Loya muntu ubenesihluku esingachazeki, ubehlukumeza, angazi yiliphi igama engingalisebenzisa ukumchaza ukuthi ubengumuntu onjani,” kusho uGola.

Uthe sibi isimo kwabasesibhedlela, ikakhulukazi uMusawenkosi, athe ufakwe egumbini lokuhlinzwa ukuze kukhishwe inhlamvu ebibhajwe esiswini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe amacala okubulala, awokuzama ukubulala nelokufa komuntu aphenywa amaphoyisa aseMahlabathini.

“Indoda ivulele ngenhlamvu kubantu abayisihlanu, ngaphambi kokuba iphendule isibhamu izingqokoze yona. Ababili kulaba abahlanu bafele khona lapho, kwathi abathathu baphuthunyiswa esibhedlela. Imbangela eholele kulesi sigameko isaphenywa,” kusho uLt Col Gwala.

Kwenzeka lokhu nje, amalungu omphakathi waseZondela khona oLundi, ngoLwesihlanu abe nemashi ebiholwa iLocal Civil Society kule ndawo nalapho kwethulwe khona incwadi yezikhalo esiteshini samaphoyisa khona oLundi ngokungasukunyelwa ngendlela kwamacala okubulawa kwabesifazane nezingane asethanda ukuba yinsakavukela kulo masipala.

NgoMashi nonyaka khona eZondela kuthiwa kwabulawa izingane ezimbili zomndeni wakwaShongwe ezahlaselwa abasolwa ababili zihamba ndawonye. Umphakathi uthi kuze kube manje abasolwa abakaboshwa.