Kudlule owasebukhosini kwenyantisa igazi kuN2 oThukela
Image: IPSS
UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal udlulise amazwi enduduzo ebukhosini bakwaTembe ngokudlula emhlabeni koMntwana uMxolisi Siboniso Tembe (41).
UMntwana uMxolisi Sboniso Tembe odlule engozini eyenzeke kuN2 ngasoThukela ngoLwesihlanu.
Image: KZNDOT
UMntwana ufe ujuqu ehamba nomngani wakhe uSihle Mthembu engozini eyenzeke ku-N2, phakathi komfula uThukela neDokodweni Toll Plaza ngoLwesihlanu. Ngesikhathi kwenzeka ingozi uMntwana uTembe ubebheke ekhaya kuMasipala wesiFunda uMkhanyakude.
Ushiya ingoduso yakhe, odadewabo ababili nomfowabo omncane.
Kusinde oyedwa kufa abahlanu engozini eyenzeke eCato Ridge ngeSonto ekuseni.
Image: ALS Paramedics
Enye ingozi edlule nemiphefumulo emihlanu yenzeke ngeSonto ekuseni eCato Ridge.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS uGarrith Jamieson, uthi ithimba lakhe ebelihambele indawo yesigameko, lithe umndeni wabayisithupha ubuphuma endaweni yaseCato Ridge uhambise ilungu lomndeni wabo esibhedlela elilimele ngokugwazwa.
"Wonke amalungu omndeni ayisithupha alimele kanzima, ilunga lomndeni eligwaziwe lishonele endaweni yesigameko kanye namanye amalungu omndeni amane."