Abashonile, abesilisa abathathu nabesifazane ababili, kuthiwa bebengabangani bebephelezela omunye bebuya emcimbini.
Kwababulewe kukhona othisha ababili abebefundisa esikoleni saseNjengabantu.
Kuthiwa abafile bamiswe ngamadoda abezifihle ebusweni ngo-8.30 ebusuku besemotweni. Amadoda abafune izibhamu maqede abatshela ukuthi abaphume emotweni balale phansi bonke. Kuthe uma sebelele phansi abadubula.
Imoto abebehamba ngayo ayizange ithathwe kodwa kuthathwe amaselula abo wonke.
Ithimba leSolezwe lifice omakhelwane bengawuvali umlomo ngesihluku sokubulawa komunye womakhelwane oshonile. Igazi labagilwa ligobhozele emgwaqweni abadutshulwe bepake kuwo.
Elandisa omunye womakhelwane ongathandanga negama lakhe uthe uzwe kuthiwa abahlaseli ababehamba ngePolo bafike bafuna izibhamu, bapequlula emotweni ebihamba abagilwa iRenault Duster.
“Ngemva kokupequlula babe sebebatshela ukuthi mabaphume emotweni balale phansi ngezisu base bebadubula emakhanda. Ngesikhathi kuqhuma izibhamu bengingakalali kodwa nganganaka ukuthi ngiphume.”
Uthe ushaqekile uma esethola ukuthi bekudutshulwa omunye womakhelwane bakhe ngemva kokuzwa umsindo womakhelwane bekhala ubumayemaye.
Kuvele ukuthi oyedwa osindile ukwesinye sezibhedlela zaseThekwini. Osindile nguye obephelezelwa eseya kubo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisisekisile lokhu wathi: “Abantu abayisithupha okukhona kubo abesifazane abathathu bebehamba ngemoto eSnethemba, KwaNdengezi. Kuthiwa kufike abesilisa abangaziwa babaphoqa ukuba baphume emotweni. Babe sebebadubula kaningi. Laba ababulelwe batholwe ngaphandle kwemoto. Oyedwa wesifazane uphuthunyiswe esibhedlela esesimeni esibucayi. Amaphoyisa aKwaNdengezi aphenya amacala amahlanu okubulalala nelilodwa lokuzama ukubulala”.