Izindaba

Kufe ababili kushayisana izimoto kuN2 ngasoThukela

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ingozi yokuqala eyenzeke eDokodweni kulimale kabi abantu abane.

Image: IPSS Medical Rescue

Abezimo eziphuthumayo bebephuthuma eDokodweni lapho kuphaphalaze khona kwaginqika imoto ngesikhathi behlangana nenye ingozi kuN2 ngoLwesihlanu ntambama.

Engozini yokuqala eyenzeke eDokodweni, kulimale kabi abantu abane abebephakathi.

Abe-IPSS Medical Rescue bathi bebephuthuma kuleyo ngozi ngesikhathi bezithela phezu kwenye kuN2 ngasoThukela.

Kule ngozi yesibili kubikwa ukuthi kushayisane mahlanze izimoto ezimbili kwaphangalala abantu ababili.

Abezicishamlilo kumasipala waseMandeni bayaqhubeka nemizamo yokutakula izidumbu ezivaleleke ezimotweni.

Kunxuswa ukubekezela kubashayeli abasebenzisa lo mzila.

Ingozi yesibili kubikwa ukuthi kushayisane mahlanze izimoto ezimbili kwaphangalala abantu ababili.

Image: IPSS Medical Rescue