Izindaba

Kufe ababili itekisi ingena elolini ngemuva

Nonkululeko Nhlapo|Published

KULIMALE abagibeli abahlanu ngesikhathi itekisi abebehamba ngayo iba sengozini Isithombe: EMER-G-MED

KUFE ababili kwalima abanye ngesikhathi itekisi ingena elolini ngemuva ngeSonto ebusuku ngo7.30 emgwaqweni uR55 eCenturion eGauteng.

Imibiko evela endaweni yesigameko ithi itekisi ishayise iloli elikhulu kwalimala abagibeli abahlanu.

“Bahlanu abagibeli abalimele kabi kule ngozi. Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bahlenga abalimele,” kusho uKyle van Reenen okhulumela abe-Emer-G-Med.

Uthi babili abagibeli ababafice sebethule, omunye kwabalimele uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane ngoba esesimweni esibucayi.

IGINQIKE yalala ngohlangothi itekisi elilayishe abagibeli kubabizelwe kuR538 phakathi kweNumbi White, isithombe: SITHUNYELWE

Kwesinye isigameko esenzeke eMpumalanga, abe-Emer-G-Med babizelwe kuR538 phakathi kweNumbi White River.

Lapha bathole itekisi ebelinabagibeli liginqike izikhathi ezimbalwa ngaphambi kokuma ngohlango.

“Abagibeli abambalwa balashelwe ukulimala ukuhlukene abanye benemihuzuko emincane khona endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa ezibhedlela ukuyothola usizo oluphelele,” kusho uKyle van Reenen.