Indawo yesigameko lapho iloli lingene khona emzini womuntu

KUFE ababili kwalimala ababili iloli lingena emzini womuntu namhlanje ekuseni ePhayiphini, KwaMpumuza ngoLwesihlanu ekuseni.

Kulesi sigameko abezimo eziphuthumayo bafike sekufe owesilisa nowesifazane. Abezimo eziphuthumayo bathi abanye ababili abalimale kule ngozi bathole imihuzuko nje kuphela.

Ngokuthola kwephephandaba lomphakathi i- KZN Eyethu owesifazane ubeyothenga izitini zokwakha wabe esecela umshayeli weloli nomsizi wakhe ukuba bamuhambisele lezitini endaweni yasePhayiphini namhlanje ekuseni.

Kubikwa ukuthi umshayeli uhlulekile ukulawula iloli labe seliphaphalaza langena emzini wakwaNgcobo.

Amaphoyisa asaphenya ngale ngozi.