KUHLATSHWE ikhwelo kumaxhwele ukuthi ayeke ukubhema ugwayi njengoba ngonyaka kushona evile ku-7 million emhlabeni jikelele. Lokhu kuvele embikweni wakamuva i-World Health Organization Report on the Global Tobacco Epidemic.
Lo mbiko uveza ukuthi akubona kuphela ababhema ugwayi ngqo abafayo, kodwa nalabo abangabhemi kodwa abahogela intuthu kulabo abasuke bebhema nabo bayashona.
Kulaba kuvele ukuthi u-1.6 million wabangabhemi ugwayi ngqo kodwa abahogela umoya wentuthu kulabo abasuke bebhema uyashona.
Umbiko uphakamisa ukuthi kumele kwenziwe okuthile ukunqanda le nkinga.
"Ugwayi ubulala uhhafu wabantu ababhemayo kodwa abangafuni ukuyeka. U-80% wabantu ababalelwa ku-1.3 billion ababhemayo emhlabeni jikelele, uhlala emazweni angathuthukile ngokomnotho kuya kulabo abanomnotho omaphakathi," kusho umbiko.
Umbiko udalule ukuthi ugwayi yiwona obhenywa kakhulu uma kuza ezintweni ezine-tobacco.
Kwezinye kubalwe isigazu, isibhawubhawu nokunye.
Kuvele ukuthi ugwayi awuyekeki kulula.
"Ababhemayo kudingeka bayeke. Abazi ubungozi bukagwayi bayafuna ukuwuyeka. Ukwelulekwa nokuhlinzekwa ngemishanguzo kuyasiza kulabo abafuna ukuyeka ukubhema," kusho umbiko.
Ukufaka intela kugwayi ngezinye zezindlela zokuzama ukwehliswa ukubhenywa kwawo.
"Ukufaka intela engu-10% kugwayi kwehlisa ukubhenywa kwawo ngo-4%."
Umbiko uveze ukuthi ugwayi ongagunyaziwe ukuthi udayiswe udala enkulu ingozi.
Kuthiwa ugwayi owodwa kwengu-10, awugunyaziwe ukuthi udayiswe emhlabeni jikelele kanti lo gwayi kumele uvalwe.