KUDUTSHULWE owesilisa wafa ehamba ngemoto yakhe eMgungundlovu ngoMgqibelo.
Abosizo oluphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko ngenkathi bebikelwa ukuthi kube nokudubula kwaze kwashayisana izimoto emgwaqweni uChurch.
Okhulumela abosizo oluphuthumayo iNetcare 911, uMnuz Shawn Herbst, uthe bafice kushayisane imoto encane nemoto ethutha izimpahlahla.
Kusolakala ukuthi lo wesilisa ubeshayela ngenkathi ehlaselwa abasolwa abangaziwa
abavulele ngenhlamvu bebhekise kuye.
“Owesilisa oneminyaka engu-35 obeshayela imoto uxilongwe endaweni yesigameko kwatholakala ukuthi unamaxeba okudutsulwa. Lo wesilisa ushonele endaweni yesigameko,” kusho uHerbst.
UHerbst uthe imbangela yalesi sigameko ayaziwa kodwa amaphoyisa abesesendaweni yesigameko ephenya.