UDUTSHULWE amahlandla awu-8 owesilisa wasesMlaza okubikwa ukuthi ubesondelene noSandile 'Chillies' Bhengu owabulawa amaphoyisa kuleli lokishi nyakenye.
UBonokwakhe 'Alli' Ntshangase (24) udutshulwe abasolwa abangaziwa endaweni yobumnandi KwaDanaza, ngoMsombuluko ezintathakusa ngemuva kwempelasonto ematasa yeDurban July eThekwini.
Okhulumelama amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe uNtshangase ushonele esibhedlela ngemuva kokudutshulwa esiswini.
“Udutshulwe esisiwini waphuthunyiswa esibhedlela lapho afike washonele khona. Isizathu sokubulawa kwakhe besingakasitholi," kusho uZwane.
Kubikwa ukuthi uBonokwakhe "Alli" Ntshangase wayesondelene noSandile 'Chillies' Bhengu
UZwane uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanti akukaboshwa muntu njengamanje.
UNtshangase kubikwa ukuthi ubengumngani omkhulu kaSandile 'Chillies Bhengu.
UBhengu wadutshulwa wabulawa amaphoyisa ngemuva 'kokubanjwa' ezama ukususa itracker emotweni okusolwa ukuthi yayebiwe. Umngcwabo wakhe wamisa nse izinto eMlaza ngenxa yokusabalala kwemibiko yokuthi abasondelene naye babezoziphindiselela. Emngcwabeni wakhe kwaboshwa ababili ababezenza amaphoyisa.
Khonamanjalo, indawo okudutshulwe kuyo uNtshangase njengamanje isematheni ngenxa yeculo lomculi weGqom', uBabes Wodumo, iKaDazz.
Leli culo liphume ngoMeyi nonyaka lethulwa ohlelweni lweMetro FM lapho kwavela khona izinsolo ezishaqisayo zokuthi uBabes ubehlukunyezwa nguMampintsham ayesethembisene umshado naye.
UMampintsha wazichitha lezi zinsolo.