UDUTSHULWE ngentululwane yezinhlamvu phambi komzali wakhe, ngabasolwa abangaziwa, owesilisa okuthiwa ubolekisa ngemali, eSonkombo, eNdwedwe, ngoLwesibili ebusuku.
Isidumbu sowesilisa ona-24 (esingenalo igama lakhe) kuthiwa sitholwe sihlaliswe esithini yendlu yangasese engaphandle kwendlu yakubo, sinamanxeba ayishumi okudutshulwa.
Ngokusho kokhulumela inkampani yonogada, iReaction Unit of South Africa, uMnuz Prem Balram, uthe bathole ucingo luvela kwelinye lamalungu omphakathi licela usizo lwezempilo.
“Onogada bafike sekunesixuku sabantu esingunge indawo yesigameko. Abosizo lokuqala bayiswe endlini encane eyibanga elingamamitha awu-30 ukusuka endlini enkulu, nokuyilapho bethole isidumbu somgilwa sihlaliswe ethoyilethi sinamanxeba awu-10 okudutshulwa emzimbeni. Umsolwa uxilongwe ngabosizo oluphuthumayo kodwa bathola ukuthi akusekho asebengamsiza ngakho, usevele ushonile,” usho kanje.
Uthe ngokulandisa kukanina kamgilwa, indodana yakhe imtshele ukuthi idinga ukuya endlini encane. Babe sebephuma endlini enkulu beya endlini encane engaphandle. Kuthiwa unina uyilinde egcekeni, waqaphela ukuthi kunamadoda amabili angena emzini wakhe. Uthe enye ime esangweni ngesikhathi enye ingena ngaphakathi egcekeni iqonda endlini encane. Kuthiwa uzamile ukumemeza indoda engene egcekeni ukuthi izichaze ukuthi iwubani ngesikhathi imbingelela kodwa wangakwazi ukuyibona ngenxa yokuthi bekumnyama. Kuthiwa ivule isicabha sendlu yangasese yadubula indodana yakhe ngaphambi kokuthi ibaleke. Umgilwa uchazwe njengomuntu obewumashonisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNdwedwe aphenya icala lokubulala.
Related Topics: