KUSHONE usomatekisi kwalimala kanzima abafundi ababili bedutshulwa ngamadoda angaziwa ebhulohweni laseMatigulu ngoLwesithathu ntambama.
Kuthiwa uMnuz Siboniso Gumede (40) obeshayela iGolf emhlophe, udutshulwe ngabalisa abavulele ngenhlamvu bephindelela, emgwaqweni uR182 ngesikhathi esendleleni ebheke kubo eMangqakazi, eGingindlovu, ngabo-4 ntambama.
Umufi kubikwa ukuthi ubehamba nabafundi ababili bamantombazane nabo abadubulekile balimala kanzima.
Abezimo eziphuthumayo kuthiwa bafike endaweni yesigameko eseshonile uGumede. Isidumbu sakhe basifice eduze nemoto.
UMnuz Paul Herbst wakwa-IPPS Medical Rescue, uthe ithimba labo lifike umufi eseshonile, abafundi abalimalile baphuthunyiswe esibhedlela.
USihlalo weGingindlovu Taxi Association, uMnuz Boy Dimbi, uthe uzwile ngokudutshulwa kukaGumede kodwa akazange aye endaweni yesigameko ngenxa yokwethuka.
“Ngizwile ngemibiko kodwa ngabe ngikhuluma amanga uma ngingathi ngiyazi ukuthi kwenzekeni eze edutshulwa. Ngiphinde ngezwa ukuthi ubehamba nabafundi ababili bamantombazane ngesikhathi ehlaselwa,” kuchaza uDimbi.
Uthe uGumede ubengumxhumanisi kusoseshini wabo futhi ubengumuntu obekusebenzeka naye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sehlo.
“Kuvulwe icala lokubulala, nawokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa esiseNyoni. Amaphoyisa ayaphenya.”
Kwesinye isigameko kudutshulwe usomatekisi osinde ngokulambisa ehamba nomfowabo eWartburg ngoLwesithathu.
Lo somatekisi (igama lakhe eligodliwe) waKwaSwayimane kuthiwa ubehamba nomfowabo besuka khona KwaSwayimane belibangise eWartburg ngesikhathi imoto ebibalandela ivulela ngenhlamvu besemgwaqweni uBurynshill eWartburg.
Kushone umfowabo ona-41 kanti usomatekisi ungeniswe esibhedlela.
Imizamo yokuthola usomatekisi olimele nomndeni wakhe ayiphumelelanga.
UCaptain Gwala uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eWartburg.
Akuqali ukuthi kudutshulwe osomatekisi eWartburg.
NgoJulayi nonyaka kudutshulwe kwashona owayengunobhala kulo soseshini uMnuz Thulani Gabela.
Kwesinye isigameko kwahlaselwa itekisi eyayithwele othisha yadutshulwa emgwaqweni ofanayo, kwashona umshayeli wetekisi kwalimala kabi othisha.