UBULAWE ngoyaba lwezinhlamvu owesilisa oneminyaka engu-28 osolwa ngokubulala owayengumfundi kamatric eHambanathi, oThongathi, u-Andile “Bobo” Mbuthu.
UMlungisi Thabethe udutshulwe wabulawa esemotweni kuGopalall Hurbans Road khona oThongathi namhlanje ekuseni.
Kubikwa ukuthi ubelibangise eHambanathi ngesikhathi abantu abangaziwa abebehamba ngeToyota Quest emhlophe bevulela ngenhlamvu emotweni yakhe eyi-VW Polo bephethe izikhali ezisezingeni eliphezulu. Imoto yakhe idutshulwe amahlandla amaningi ngaphambi kokuthi ime.
Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) afike endaweni yesigameko ngabo-9.20 ekuseni ngemuva kokushayelwa ucingo amalungu omphakathi.
UThabethe uficwe enamanxeba okudutshulwa kanti ushonele endaweni yesigameko emotweni yakhe.
IRUSA ithi amaphoyisa eSAPS alandela umkhondo walaba basolwa ngemuva kokubonwa kwemoto yabo eNdwedwe.
“Kulimale iphoyisa ngemuva kokuthi abebehamba ngeToyota Quest emhlophe bevulele ngenhlamvu emotweni yamaphoyisa. Iphoyisa liphuthunyiswe ngozakwabo esibhedela,” kusho isitatimende.
Njengamanje laba basolwa bathungathwa yindiza enophephela emhlane iRUSA Robinson R44.
UThabethe ubebhekene necala lokubulala u-Andile Bobo Mbuthu oneminyaka engu-16 owashaywa washona endaweni yokucima ukoma eHambanathi ngo-Ephreli 2020. Ubengaphandle ngebheyili ayithole ngoNovemba nyakenye.
Ngokwesitatimende seRUSA, kukholakala nokuthi uhlobene nemboni yamatekisi kodwa imbangela yokubulawa kwakhe ayikatholakali okwamanje.
UBobo, owayengumfundi kaGrade 12 eNkosibomvu Secondary, washawa waze wafa esolwa ngokweba utshwala eMagagula Lounge, eHambanathi oThongathi.
Isidumbu sakhe satholakala silahlwe emfuleni kwase kuboshwa abasolwa. Abasolwa okunguMnuz Mlungisi Thabethe (28), Andile Nhleko (27), Mncedisi Mzobe (27), Siyanda Msweli (26), Lindani Ndlovu (22) noMalusi Mthembu (27) babhekene namacala okubulala nokuthumba uBobo.