UPHITHENE amakhanda umndeni wakwaNtuli, eBhamshela ngemva kokudutshulwa kwezelamani zakulo muzi ngoLwesibili ebusuku.
Ngokuthola kwephephandaba, kungene amadoda amane angaziwa ehlome ngezibhamu afike athi azofuna isibhamu kubafana bakulo muzi. Athe uma engazitholi adubula oMnuz Nkosingiphile(25) noMandla Ntuli (40) abayizelamani.
Ilungu lomdeni elicele ukungadalulwa lithi, balandulile bathi asikaze sibe khona isibhamu kulo muzi.
“Bathathe uMandla baya naye kwenye indlu bapequlula, abangasithola. Sizwe sekukhala isibhamu wabaleka waya kwamakhelwane lapho efike washonela khona. UNkosingiphile ubesezivalele kwenye indlu, wavula ngoba ezwa ukuthi lamadoda abesengikhombe ngesibhamu ethi uma bengaphumi abanye abafana azodubula mina nosana lwami. Bese ngikhala ngicela usizo, kusho ukuthi ube nozwelo waphuma bamdubula, wabaleka naye ushonele kwamakhelwane. Asazi noma basazobuya yini bazosiqeda sonke. Ukube kuyenzeka ngabe siyabaleka inkinga ukuthi kumele silungiselele ukungcwaba ” kusho ilungu lomndeni.
Kudutshulwa lezi zelamani nje, emini kudutshulwe usihlalo wamatekisi kule ndawo osabambile, uMnuz Gobi Chemane eserenki, waphuthunyiswa esibhedlela.
Ngokuthola kweSolezwe kwilungu lo mndeni elithe licela ukungadalulwa ngoba lesabela impilo yalo, umsolwa ubelokhu eyilandela itekisi kaChemane obezishayelela esuka eDalton.
“ Wehle kuyo itekisi wakhuluma nabanye kanti vele umsolwa usemlindile, wamdubula. Ngokwazi kwethu bekungekho mbango okhona noma umuntu abexabene naye,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uziqinisekisile lezi zigameko zombili, wathi amaphoyisa aseNsuze aphenya amacala amabili okubulala nelokuzama ukubulala elenzeke erenki.
Ikhansela lendawo uNkk Gugu Ngcobo , lithe udaba lokubulawa kwabantu endawweni luyinkinga ngoba umsuka awuveli kodwa abantu babulewe.
Imenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sfiso Shangase usigxekile isigameko sokudutshulwa kukaChemane.
“Yize bengingakabikelwa ngesigameko njengemboni ngicela ukuthi simfisele ukuba alulame odutshuliwe. Siya okhethweni lobuholi kulo nyaka. Uma kungenzeka ukuba abantu bagudluza abantu ababona ukuthi bazophatha abakuyeke lokho, kubi. Angisho ngalesi sigameko esenzekile (eBhamshela), sengikubeka nje lokhu ngoba seziqale phansi izigameko zokudutshulwa nokubulawa kwabantu embonini,” kusho uShangase.