KUDUTSHULWE kwabulawa iphoyisa ebelingekho emsebenzini eSavannah Park, eMariannhill ngoMgqibelo ebusuku.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo othembekile, lesi sigameko senzeke emgwaqweni uNxele Crescent ngezithuba zawo-9 ebusuku.
Umthombo uthe umufi obesebenzela esiteshini samaphoyisa esiseChatsworth ubelapho aqashe khona ngesikhathi ehlaselwa.
“Ngesikhathi ahlaselwe ngaso, yena nabanye aqashe nabo kulo muzi bebemi egcekeni bezixoxela. Besaxoxa kanjalo, kuqhamuke umsolwa obehlome ngesibhamu, waqala wavulela ngenhlamvu ebhekise kubona ngaphandle kokukhuluma,” kusho umthombo.
Kuvele ukuthi iphoyisa lishonele endaweni yesehlo emuva kokudubuleka kaningi emzimbeni.
“Angu-21 amagobolondo ezinhlamvu atholwe endaweni yesigameko. Isibhamu sakhe asizange sithathwe kanti emva kwalesi sehlakalo, kuqhamuke imoto e-grey engenazo izinombolo, yafike yamthatha umsolwa, yahamba,” kusho umthombo.
Amaphoyisa abengakaphawuli ngalolu daba.