ZIKHIHLA esikaNandi izakhamuzi zaseNkunzi, eMnambithi, ezifelwe yizinkomo ezidle ushevu okuthiwa uthelwe wumuntu ongaziwa edlelweni zasala ziqumbile. Zibalelwa ku-20 sezizonke izinkomo ezifile nembuzi nayo okuthiwa ikhothe endaweni efanayo yaqumba.
Abanikazi bazo bathi bafe olwembiza ngokufelwa yizinkomo, bathi basazibuza ukuthi ubebazondeni othele ushevu edlelweni ngoba le nto iyaqala ukwenzeka.
UMnuz Nkili Mavimbela, uthe ezakhe ziwu-9 ezifile. Uthi kuvele kwaduma ikhanda ngoba izinkomo uzithatha njengensika yekhaya lakhe.
“Uma unezinkomo uyakwazi ukuthi uma kukhona okuvelayo udayise inkomo upheshe leso sikweletu. Ngifuyile impela ngoba kukhona nezamadodana ami asekhulile, manje le nto isibuyisela emuva,’’ kubalisa uMavimbela.
UMnuz Nkosenye Mazibuko naye obeklabise ezakhe izinkomo endaweni efanayo, uthe kufe ezingu-6.
“Sithole ukuthi kukhona umuntu ochithe ukudla kwezinkomo okuthakwe noshevu ngoba uma inkomo idlile bekungathathi isikhathi eside ibonakale ingqasha iwa phansi. Iwusizo inkomo thina singabantu sigcina amasiko sihlabe kube nemisebenzi,’’ kuchaza uMazibuko ngokukhathazeka.
Bathe umasipala wendawo ufikile uzobheka isimo kwatholakala ukuthi sekuvele konakele kodwa bazigqiba izinkomo ezinye bazithatha zayohlolwa.
Okhulumela uMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal, uNkk Phathisa Mfuyo, uthe bawutholile umbiko bawathatha amasampula ukuyohlola ukuthi yini edliwe yizinkomo.