Izindaba

Kudubuleke obesetekisini kubanjwa imoto yemali

Nonkululeko Nhlapo|Published

Isiphihli kubanjwa imoto yemali kuR56 ngaseRichmond namhlanje ntambama.

Image: ALS Paramedics

Ngemva nje kuka-17:15 ngoLwesithathu kusihlwa bezimo eziphuthumayo bakwa-ALS babizelwe ngasesibhedlels esiseCato Ridge ngezinsolo zokugetshengwa kwemoto yemali ku-R56 eduze komgwaqo i-Bainesfield, ngaphambi kwaseRichmond.

 

Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola isiphihli njengoba imoto yemali iqhunyiswe izingcezu zayo zasabalala yonke indawo. Amaphoyisa nabezinkampani zezokuphepha bafike kule ndawo kwaphiqa ukuba kuvalwe umgwaqo.

Abezimo eziphuthumayo bahlole indawo yesigameko base beqala ukwelapha abalimele ngokushesha. Abantu abaningi bathole ukulimala okuhlukahlukene. Owesilisa oyedwa okusolakala ukuthi ubesetekisini ubanjwe uthole amachaphazelo walimala ngenxa yokudutshulwa.

Abezimo eziphuthumayo bamhlolile nokho ngeshwa ukuthi ushonele endaweni yesigameko ngenxa yokulimala. Abanye abantu abayisithupha okuhlanganisa onogada bathole imihuzuko ehlukene base belashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene eThekwini naseMgungundlovu ukuze bathole ukunakekelwa okwengeziwe.

 

 

[email protected]