USASHAQEKILE umphakathi waseFolweni, eThekwini emva kokudlwengulwa kubulawe ngesihluku isaguga sakule ndawo.
UNkk Jabu Engel Ntshapha (61) kuthiwa uhlaselwe abesilisa ababili abaziwayo endaweni ngesikhathi egeza emva kwendlu kwakhe ngoLwesihlanu.
Ngokusho kwelungu lomphakathi, laba besilisa bafike kulo muzi behlome ngemimese, bephuza notshwala besizulu.
Leli lungu lomphakathi lithi lezi zigilamkhuba ziqale zamdlwengula ugogo ngaphambi kokuba zimgwaze amanxeba amaningi emzimbeni.
“Kuthiwa bathi uma beqeda ukumgwaza, babaleka. Umphakathi usathukile emva kokwenzeka kwalesi sigameko. Asazi ukuthi ngabe obani abenze isenzo esibuhlungu kangaka esalukazini ebese siziholela impesheni,” kusho ilungu lomphakathi.
Ikhansela lendawo, uMnuz Thokozani Xulu, livumile ukuthi lazisiwe ngesigameko kodwa belingakayi ukuyohlanganisa amehlo nezihlobo zikamufi.
Imizamo yokuthola izihlobo zesaguga ayiphumelelanga, inombolo yocingo Isolezwe elinayo ibikhala ingaphendulwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele usiqinisekile isigameko, wathi ngesikhathi amaphoyisa asesiteshini saseFolweni efika endaweni yesigameko afica uNkk Ntshapha esefile.
“Ubenamanxeba amaningi okugwaza ekhanda. Abasolwa bayaziwa endaweni kanti amaphoyisa aphansi phezulu ayabafuna. Imbangela yokubulala ayikakaziwa okwamanje,” kusho uColonel Mbele.
Kwesinye isigameko, isaguga esineminyaka engu-65 saseMaoti, eNanda sifele ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa esingumahamba nedlwana ngoLwesithathu.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi sithi sizama ukuyovula icala lokudlwengulwa iqulu labafana emzini waso okhona eMaoti.
Ngokusho kukaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza umnyango wakhe awuhambisani nhlobo nesihluku esikhonjiswe ileli qulu kugogo.
Uthe ikakhulukazi ngoba bathole ukuthi akukhona okokuqala leli qulu limdlwengula ugogo.
Uthe ngesikhathi esiphambilini, lamdlwengula kodwa langathathelwa zinyathelo.
Uthe okumphatha kabi ukuthi kuthiwa amalungu omphakathi ebazi ukuthi leli qulu lilokhu limdwengula ugogo.
“Kuyadabukisa ukuthi emiphakathini yethu sinentsha edlwengula abantu besifazane, esiyaziyo, kodwa ayiboshwa ngoba asiyibiki emaphoyiseni. Sifuna ukubona amaphoyisa eluphenya udaba lokufa kukagogo aphinde abophe nabasolwa,” kusho uNkk Khoza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseNanda avule idokodo lokufa komuntu.
“Lo wesifazane ufe engaphandle kwesiteshi samaphoyisa. Ubekade ecele abantu abathile ukuba bamgibeze emotweni bamshiye ngasesiteshini samaphoyisa. Bakwenzile lokho ngoba bamehlise ngaphesheya kwesiteshi samaphoyisa kanti bazothi beqeda ukukwenza lokho, avele aquleke, aphelele khona lapho,” kusho uColonel Mbele.