ISIBALO sokubulawa kwabantu eNingizimu Afrika sinyuke ngo-6.6% phakathi kuka-Okthoba noDisemba nyakenye. Okusho ukuthi kubulawe abantu abangaphezu kuka-389 ngalezi zinyanga ezintathu, uma kuqhathaniswa nezigameko ezedlule. Lezi zibalo zidalulwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uGeneral Bheki Cele, esithangamini sabezindaba ebesisemahhovisi eGCIS, ePretoria, izolo.
Ubuye waveza ukuthi isibalo samacala okudlwengulwa abikwe emaphoyiseni sinyuke ngo-5%, bangu-12 218 abantu abadlwengulwe phakathi kwalezi zinyanga ngo-2020. Isibalo sinyuke ngo-181 (1.5%) uma kuqhathaniswa nezinye izinyanga ezedlule.
Isifundazwe iMpumalanga yisona esibe nesibalo esiphezulu sabantu ababulewe njengoba sinyuke ngo-13.7% kwathi eLimpopo, North West naseNorthern Cape sehla njengoba kufe abawu-193 ngenxa yodlame lomndeni. Izigameko ezingu-4 900 zokudlwengula zenzeke emakhaya abagilwa noma emizini yabadlwenguli. Amacala awu-570 ahlobene nodlame lwasemndenini, ekubeni awu-547 awokudlwengula, okungabesifazane nabesilisa abangu-23.
Isiteshi samaphoyisa saseNanda, Umlaza, KwaZulu-Natal nesaseLusikisiki, e-Eastern Cape yizona ezibe namacala amaningi abikwe kuzo. UCele uthe amacala okubulawa kwabantu besifazane nawodlame lwasemindenini yiwo aseqhulwini emaphoyiseni. Uveze ukuthi bangu-129 abantu abagwetshwe udilikajele emuva kokulahlwa yila macala. Kufe abantu abangu-19 ezigamekweni ezingu-18 zokuhlaselwa kwabantu emapulazini.