ANGU-124 526 amacala okudlwengulwa avuliwe kule minyaka emithathu edlule. U-41% wawo awokudlwengulwa kwezingane. Lezi zindaba zivezwe wuNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ephendula umbuzo kaMnuz Zakhele Mbhele weDA obekhala ngokuba mbalwa kwamaphoyisa abhekele amacala okudlwengula.
UMbhele uthe kuyathusa lokhu ngoba kusho ukuthi ngosuku kudlwengulwa izingane ezingu-46.
“Ngithole ukuthi zingu-2 600 izingane ezibulewe kule minyaka emithathu edlule, okusho ukuthi ngosuku kubulawa izingane ezimbili. Okubuhlungu wukuthi * -21% wabadlwenguli ogwetshwayo bese emacaleni amathathu okubulawa kwezingane lilodwa eligweba umbulali,” kusho uMbhele.
Uthe izingane zibulawa ngesihluku esikhulu, ukusetshenziswa kocelemba, izibhamu, amahalavu, imimese noshevu.
“Silindele ukuthi zinyuke lezi zibalo ngoba awamaningi amaphoyisa abhekele amacala okudlwengula. Kufanele amaphoyisa aqeqeshelwe ukuphatha amacala okudlwengula nokubulawa kwezingane ukuze akwazi ukuzivikela,” kusho uMbhele.
Uthe bakhathazekile nangokushoda kwezinsiza zokusebenza emaphoyiseni abhekele amacala athinta udlame lwasekhaya, oluthinta izingane nabesifazane njengoba enamaveni angu-384 ezweni jikelele.
UMbhele uveze ukuthi KwaZulu-Natal kushoda amaveni angu-77 okusho ukuthi amaphoyisa awakwazi ukuya kwezinye izigameko.
Uthe kushoda izinsiza zokuhlola abadlwenguliwe ezingu-18 637 ezweni jikelele. IGauteng iyona enezinsiza ezincane, iswele ezingu-8 850, iKwaZulu-Natal ishoda ngezingu-1 000 ophikweni olusePlessislaer.
Izinsiza zokwenza ulibofuzo kwabadlwenguliwe ezweni jikelele kushoda ezingu-43 489.
IGauteng iswele ezingu-10 300, i-Eastern Cape iswele ezingu-10 000 bese iPlessislaer iswele ezingu-2 000.
Uveze ukuthi amaphoyisa aswele izingcingo zasemahhovisi ezingu-268, amavesti okuvikela izinhlamvu angu-173, imishini yokuqopha izinkulumo engu-414.
UCele uvumile ukuthi zikhona izingqinamba kodwa kunezikhungo ezibhekele amacala abesifazane nezingane ezingu-183 eziteshini zamaphoyisa ezweni jikelele.
Uveze nokuthi kunamagumbi angu-1 047 eziteshini zamaphoyisa ezweni jikelele enzelwe ukuthi umgilwa akhulume akhululeke.
UNksz Sbo Ngcobo, osiza izingane ezidlwenguliwe nezihlukunyezwe ngezinye izindlela, wenhlangano iBobbi Bear, uthe isibalo samacala okudlwengula sikhulu ngoba kukhona nangabikwa.
Wenze isibonelo ngokuthi kunengane eyaqala ukudlwengulwa ineminyaka eyisikhombisa, kuthe isineminyaka engu-11 kwavela ukuthi isidlwengulwe ngabafana abangu-38 endaweni.
“Sicela abazali bazithande izingane, amacala okudlwengulwa abikwe emaphoyiseni nakithina ukuze izingane zizolulekwa ngokwengqondo, zilashwe nawodokotela ukuze zingatheleleki nge-HIV nezinye izifo zocansi. Kubalulekile ukuthi ingane ilapheke emphefumulweni ukuze ikwazi ukwamukela isimo esiyehlele nokuthi kwakungesilo iphutha layo,” kusho uNksz Ngcobo.
Ucele uhulumeni ukuthi aqinisekise ukuthi izinsiza zikhona eziteshini zamaphoyisa ukuze umsebenzi wokuhlola abadlwenguliwe usheshe uqalwe nabo bakwazi ukuthola usizo olufanele.