Izindaba

kudlule emhlabeni inqalabutho yomsakazo

Charles Khuzwayo|Published

UWinnie Mahlangu esakazela iRadio Bantu.

KUDLULE emhlabeni enye yezinqalabutho zomsakazo uKhozi FM Umam’Winnie Winnie Mahlangu.

KUDLULE emhlabeni enye yezinqalabutho zomsakazo uKhozi FM Umam’Winnie Winnie Mahlangu.

UMam’Winnie ushone namhlanje emva kokugula isikhashana.

Ushonele esibhedlela esizimele eTshwane, iNetcare Unitas eCenturion, ngezithuba zabo-8 ekuseni.

UMfu Vusumuzi Zulu, owasebenza iminyaka noMam’Winnie, uthe ube nobuntu obumangalisayo nesihe. Ukhale kakhulu ngokushona kwakhe engasahlonishwanga ngeziqu zobudokotela nokuthi kube nencwadi eshicilelwe ngempilo yakhe. “Izinhlelo zakhe zazinomsoco futhi ufunda lukhulu kuzo,” kuphetha uZulu oKhozini.

UMam'Winnie Mahlangu wazalelwa eWitbank, eMpumalanga ngo-1934. Ngaphambi kokuzibandakanya nomkhakha wokusakaza, waqala wayofundela ubuthishela eMiddleburg Training College. Emuva kwalokho wafundisa ezikoleni zamabanga aphansi eWattville naseBenoni.

Wajoyina iRadio Bantu ngo-1962, nabanye ozakwabo besifazane abanjengoMamane Jali waseThafamasi, eNdwedwe, uMary Mantolwane, uNomusa Buthelezi noJoyce Dlamini. Kuzokhumbuleka ukuthi ngaleyo minyaka kwakusakhonya abantu besilisa emsakazweni wokuqala wabantu abamnyama futhi nobandlululo lusadla lubi.