KUVALWE ngehlahla kushona 22 ezingozini ezimbili ezenzeke eKZN, ngoMgqibelo.
EMpangeni kushone abangu-15 ngesikhathi kushayisana itekisi nemoto encane kanti eBhamshela kushone abayisikhombisa.
Lezi zingozi zenze amaholidi kaKhisimusi aqala ngesibalo esiphezulu sabantu abashone ezingozini zomgwaqo.
Ingozi yaseBhamshela yenzeke ekuseni ngabo-10 kwathi kungakapheli namahora angu-10 kwenzeka eyaseMpangeni.
Iyaphenywa imbangela yalezi zingozi. UNgqongqoshe wezokuThutha eKZN, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe lokhu ngeke avume ukuthi kuphazamise izinhlelo zabo zokuphepha emgwaqweni kula maholidi njengoba bebethula izinhlelo zabo ePort Shepstone, ngoMgqibelo.
UKaunda uthe bazowatshala yonke indawo amaphoyisa ukuba aqaphe emgwaqweni kodwa wacela ukuba abantu baqikelele uma beshayela.
“Inkinga enkulu esinayo abantu abenza amaphutha emgwaqweni aholela ekushoneni kwenqwaba yabantu. Uthole ukuthi siyibhekile imoto isesimeni, umshayeli akaphuzile, akathwele abantu ngokweqile bese kuzoba khona umuntu ozovele angayihloniphi imithetho yemigwaqo bese siba senkingeni,” kusho uKaunda.
Uhlelo lomnyango lwamaholidi nokumele kuqikelelwe:
*Kuzoba nezivimba mgwaqo ezindaweni ezehlukene eKZN zonke izinsuku.
*Kuzobe kubhekwa izimoto ukuthi zisesimeni sokuhamba emgwaqweni.
*Kubhekwa abashayeli ukuthi abaphuzile yini utshwala.
*Abangenazo izincwadi zokushayela.
*Abalayishe ngokweqile.
*Kunxuswe abashayeli baphumule ngokwanele uma behamba amabanga amade.
*Uma kunemicimbi emakhaya, bonke abazoshayela, bangabuphuzi utshwala.
*Kunxuswe ukuba kwehliswe isivinini uma izulu lina.
*Uma uzoba nohambo usheshe uphume ekhaya ukuze ungashayeli usutatazela usujahe nokufika lapho uya khona.