IZINYUNYANA zabasebenzi nohulumeni kumele zibambisane ezinhlelweni zokuvuselela umnotho okhahlanyezwe wukuhlasela kobhubhane, iCoronavirus.
Lokhu kushiwo nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ethula inkulumo yakhe emhlanganweni wezinhlaka ezehlukene ezithinteka ekuthuthukisweni komnotho, iKZN Economic Summit, eqale izolo izophela namhlanje.
Uthe kuyenzeka kube nempikiswano phakathi kukahulumeni nezinyunyana uma kukhulunywa ngezinye izinto, kodwa odabeni lokuthi kumele kuvuselelwe umnotho, kuyavunyelwana ngokuthi yinto okumele yenziwe futhi yenziwe ngokushesha.
"Umnotho ezweni lonke wehle ngo-6.3% ngonyaka odlule, KwaZulu-Natal. Umkhakha wokukhiqiza ushayeke kakhulu, wehla ngo-11%, owezokuvakasha ushayeke kakhulu ngesikhathi izwe livaliwe. Ngenxa yokushayeka kwale mikhakha, baningi abantu abalahlekelwe yimisebenzi. Njengamanje kumele sishintshe izinhlelo zethu, siqale ngalokho okubaluleke kakhulu okufana nokulethwa kwamanzi emphakathini. Ukuvuselelwa komnotho kungenye yezinto ezisemqoka. Sidinga ukuthi sibe namasu abambekayo, azosisiza ukuthi lokhu sikwenze ngokushesha," kusho uZikalala.
Uqhube wathi uhulumeni wakulesi sifundazwe uzokweseka ngezimali osomabhizinisi abafuna ukudayisa imikhiqizo yabo e-Afrika.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe kuzothatha iminyaka emibili ngaphambi kokuthi kubonakale umehluko ngenxa yezinhlelo eseziqaliwe zokuvuselela umnotho.
Uthe uMasipala weTheku usungule uhlaka olwaziwa ngeThekwini Economic Council (ECC) okuyilo olwenza amasu okuvuselela umnotho kulo masipala.
"Sizogxila emkhakheni wezolimo, owokukhiqiza imikhiqizo ethile, owezobuchwepheshe, owezokuvakasha, owezokuthutha nowokuthuthukiswa kwezinhlelo zomnontho wasolwandle," kusho uKaunda.
UNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe umnyango wakhe usuqalile ukuhambela osomabhizinisi ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini, ubheka ukuthi yini engaba yisisombululo esisheshayo sokuvuselela umnotho kulezi zindawo.
"Akumele sibheke uhlangothi lolukhahlamezeka komnotho ngenxa yeCoronavirus (kuphela) kumele sibheke umnotho ngobubanzi, sibone ukuthi singabasiza kanjani abantu," kusho uKaunda.