KUFUNEKA uhlelo olucacile lokulwa nokusabalala kwezigameko zokuzibulala kwabantu.
Ngokwezibalo zenhlangano yezempilo emhlabeni wonke, iWorld Health Organisation (WHO), balinganiselwa ku-800 000 abantu abazibulala unyaka nonyaka. Lezi zibalo ziphezulu kubantu abasha.
Inhlangano eqwashisa ngezifo ezithikameza umqondo, iSouth African Depression and Anxiety Group (SADAG), ithi balinganiselwa ku-23 abantu abazibulala usuku nosuku futhi iningi labantu liyesaba ukukhuluma ngale nkinga. Abasuke bazi basuke bengazi ukuthi bangenzani ukusiza onenkinga.
Izolo bekuwusuku lokugubha ukubaluleka kokuvimbela ukuzibulala kwabantu emhlabeni wonke.
Ongoti ekulashweni kwezifo ezithikameza umqondo bathi kubalulekile ukuthi kuliwe nesihlava sokuzibulala kwabantu nokuthi kutholakale indlela yokwehlisa izibalo zabazibulalayo.
USolwazi Jason Bantjes, ongungoti wezifo ezithikameza umqondo ofundisa ophikweni lakwaPsychology eNyuvesi iStellenbosch, uthe yize ukuzibulala kuyinkinga enkulu nethinta izinhlelo zezempilo kuyathusa ukuthi amazwe amaningi asafufusa okubalwa iNingizimu Afrika, awanalo uhlelo olucacile nokuvimba ukusabalala kwakho.
UBantjes osenze ucwaningo ngezigameko zokuzibulala kwabantu nokuholela ekutheni abanye bakwenze, uthe iNingizimu Afrika inemigomo eyisungulile yokubhekana nezifo ezithikameza umqondo, neminye ebhekene nokugwema udlame nokulimala nokuyiwona othinta ukuzibulala kodwa lokhu akwenele ukubhekana nenkinga ekhona okwamanje.
Uthe izwe lidinga uhlelo olucacile olunemininingwane egcwele nolungasiza ekulweni ngqo nokuzibulala kwabantu. Lolu hlelo luzodinga ukuthi wonke umuntu asebenze ndawonye.
“Sidinga ubuholi ukuze sikwazi ukufinyelela ekusebenzisaneni ngendlela efanele ukwehlisa izibalo zabantu abazibulalayo kuleli,” kusho uBantjes.
Ukhale ngokuthi uhulumeni uyadembesela ekufakeni izinsiza ezizobhekana ngqo nalesi sihlava.
Uthe ukusungulwa kohlelo olubhekene nokuzibulala kungakhombisa ukuzibophezela kukahulumeni ekulweni nokwanda kwezigameko zabazibulalayo.
“Kungaphinde kuveze ukuthi yingakanani inkinga ekhona nokuthi yiziphi izinto ezingakenziwa ngendlela ekuqokeleleni ulwazi, nakwezomthetho nezinhlelo zokusiza nokuqwashisa kungaphinde kusize ekuvezeni ukuthi yini enye edingekayo ukufaka izinhlelo ezizosiza ukwehlisa izibalo zabazibulalayo,” kusho uBantjes.
Uthe uhlelo lukazwelonke olusungulwe nguhulumeni nazo zonke izinhlaka ezithintekayo lungaphinde lusize ekutheni kube nabantu abangabhekana nomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi luyafakwa nokuthi lulandelwa ngendlela efanele.
Uqhube wathi lungaholela ekutheni kusetshenziswe ngendlela yonke imiphumela esivelile yabacwaningi bakuleli.
Uthe kubalulekile ukuthi basebenzise lesi sikhathi ukuthi banxuse ukuthi kube nohlelo oluzobhekana nokulwa nokwanda kwezigameko zokufa kwabantu ngokuzibulala.
ISADAG seyiveze ukuthi ukuzibulala kwabantu abaziwayo okubalwa kubo uSolwazi Bongani Mayosi obehola uphiko lakwaHealth Sciences eNyuvesi yaseKapa (UCT) nomsiki wengqephu waphesheya uNkk Kate Spade kushiye umhlaba wonke ushaqekile futhi kuwenze wabona ukuthi yinkulu kangakanani inkinga yokuzibulala nokhwantalala.
Bathe iningi labantu abaphetha ngokuzibulala kusuke kukhona umuntu abamtshelile ngabakuhlelile, abanye basuke bekhombise izimpawu zokuthi bazokwenza lokhu ngakho kubalulekile ukuthi abantu basheshe bathole usizo kungakabi kubi kakhulu.
Abadinga usizo noma ukuyalwa nokudluliselwa kubantu abangabasiza bangashayela inombolo yamahhala yale nhlangano ku- 0800 567 567.
Le nombolo ingathintwa nsukuzonke kusuka ekuseni ngehora lesishiyagalombili kuze kube yihora lesishiyagalombili ebusuku.
Ukuthola ulwazi oluthe xaxa ngokhwantalala nezinye izinkinga ungavakashela ku: www.sadag.org.