ASALE dengwane amakholwa ebandla lakwaShembe edilizelwa abasebenzi bakwaMasipala weTheku ithempeli lawo eThornwood, eThekwini.
Ngokusho kwelungu lebandla sekuneminyaka engaphezu kwelishumi amakholwa ekhonzela kuleli thempeli kule ndawo. NgoLwesine olwedlule kuthiwa abasebenzi bakamasipala badilize indlu ebisethempelini kwasala amatshe amhlophe. UMnuz Vusumuzi Ngobese, okhonza kuleli thempeli, uthe bachitha imali enkulu benikela ukuze kwakhiwe ithempeli eselidiliziwe. UNgobese uthe imvume yokwakha bayinikezwa yikhansela, abalibikelile ngokudilizwa kwethempeli labavumela ukuthi mabathathe izinyathelo. Uthe ngoMgqibelo bakhonzele esigangeni ngoba kudilizwe zonke izindonga zethempeli.
Kuthiwa abasebenzi bakamasipala bafika ngezithuba zawo 11 emini, badiliza indlu.
“Okusiphatha kabi wukuthi akulona ibandla lethu kuphela elakhe kule ndawo. Zikhona izindlu zamanye amabandla kodwa zona azidilizwanga. Sisola ukuthi kukhona nokucwasa ibandla lethu nokungasihloniphi,” kusho uNgobese.
Lolu daba selubikwe emkhandlwini iNazareth Judiciary Council ukuze uphenye.
Okhulumela umkhandlu, uMnuz Willington Myeni, uvumile ukuthi babikelwe lolu daba.
Uveze ukuthi bacele amalungu ebandla eThornwood ukuthi abhale incwadi ayilethe emahhovisi akhe. Uthe udaba bazoludlulisela kwiKhomishini eVikela Inkolo, Amasiko neZilimi ezobheka ukuthi akukho yini ukucwaswa ngokwenkolo kulolu daba.
UMnuz Reginald Clute oyikhansela ku-ward 13 uvumile ukuthi uyazi ngalolu daba futhi basazama ukululungisa. Uthe amaNazaretha sekunesikhathi ekhonza kuleli thempeli futhi acela kuyena ukwakha umpheme ukuze akhosele uma lina.
“Ngabanika imvume yokuthi babeke umpheme ngoba vele indawo ekaMasipala. Uphiko lwakwaLand Invasion kuthe uma selufika lwadilizela nawo amaNazaretha engicabanga ukuthi bekungafanele. Kuthiwa bathe bathunywe ikhansela, okungemina ngoba bengingeke ngivumele abantu babeke umpheme bese ngithi awudilizwe,” kusho uClute.
Imizamo yokuthola okhulumela uMasipala, uMnuz Mandla Nsele, ayiphumelelanga. Isolezwe limzame kusukela ngeSonto ucingo engalubambi, wathunyelelwa umyalezo nge-email nangeSMS, kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga.