AWUKHULULEKILE umndeni womfundi waseMadundube, eMbumbulu, otholakale eshonile ngeSonto egaxwe nentambo entanyeni, ongakholwa wukuthi uzibulele ngempela.
Umndeni kaSbahle Ngcongo (13), obefunda uGrade 5 ePhangisa Primary, uthe uzokhululeka usuthole umbiko kadokotela ohlinze isidumbu ukuthi ngempela uzihilele yini njengoba kungacaci ngokushona kwakhe. USbahle kuvele ukuthi uzihilele kuveranda kubo.
UNkk Benzani Ngcongo, onguninakhulu kamufi, uthe badidekile kunzima nokukholwa wukuthi umzukulu uzibulele.
Uthe babelungiselela ukuya esontweni ngo-10 ekuseni ngesikhathi salesi sehlo.
“Savele sabhocobala esithubeni nje nomzukulu sangabe sisaya esontweni. Sasihleli naye nonina, yena waphuma sanganaka ukuthi uyaphi. Unina waphuma eyombheka emuva kwemizuzwana ephumile umzukulu wamfica kuveranda elele phansi. Entanyeni kwakugaxwe intambo ebesiyisebenzisa uma sineka izingubo kuveranda futhi ihusha phansi kungabonakali ukuthi ubelenga kuyo,” kuchaza uNkk Ngcongo.
Uthe okubaxakayo wukuthi ubengalengi futhi nentambo ibingamnsinyile entanyeni. Uveze ukuthi ubesashisa kuphuma igazi ngomlomo nangamakhala.
“Sabiza amaphoyisa kwaqinisekiswa ukuthi useshonile. Silinde umbiko wokuhlolwa kwesidumbu ngoba ubezohlinzwa emakhazeni aseScottburgh. Simuncu isimo ekhaya ngoba ngenyanga edlule besingcwaba ingane enonyaka ebanjwe ugesi khona egcekeni,” kusho uNkk Ngcongo.
Unina omncane kamufi, uNksz Nunu Ngcongo, uthe akuvumi akholwe wukuthi uSbahle uzibulele.
“Ubeyingane ethulayo futhi ephansi. Akukho nobekukhomnbisa ukuthi kukhona okumphethe kabi. NgeSonto wayewotawota ugogo wakhe izinyawo, bekhuluma ngokuya esontweni. Impela siyokholwa sesithole umbiko wokuhlolwa kwesidumbu ukuthi uzibulele ngoba kuningi okungasicaceli,” kusho yena.
Umndeni uthe awuxabene namuntu endaweni ongamsola ngokwenzekile kodwa kunzima ukukholwa wukuthi ingane izibulele. Kuthiwa eduze kwesidumbu bekungekho ngisho into agibele kuyona njengoba kwenzeka uma umuntu ezilengisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseMbumbulu avule idokodo lokufa komuntu emuva kokutholakala kwesidumbu sentombazane ezilengisile. Uthe asikaziwa isizathu sokuzibulala kwengane.