UHULUMENI wakuleli ucubungula isiphakamiso sokuthi abesifazane bavunyelwe yini ukuthi nabo babe nesithembu. Isithombe: Facebook/Progressive Love Academy
PHILI MJOLI
UHULUMENI wakuleli ucubungula isiphakamiso sokuthi abesifazane bavunyelwe yini ukuthi nabo babe nesithembu.
UMnyango wezeseKhaya kuleli usanda kushicilela umbhalo ohlongozayo, iGreen Paper lapho umema khona umphakathi ukuthi uphawule ngokucutshungulwa komthetho olawula imishado kuleli, ukuze nabangavikelekile ngaphansi komthetho, iMarriages Act bavikeleke.
UMnuz Sihle Mthiyane, wophiko lwemithetho eMnyangweni wezaseKhaya, uthe umnyango ufuna ukuthi kube nomthetho owodwa olawula umshado kuleli, ukuze nabashade imishado engathathwa njengesemthethweni njengamanje nayo ingene ngaphansi komthetho.
"Kunemishado engangeni ngaphansi kweCivil Union Act ka-2006, okuyimishado yamaHindu eyamaMuslim, eyamaRasta nabesifazane abashade beneminyaka engaphansi kwengu-18. Ngokomthetho okhona kuleli njengamanje labo bantu kabathathwa njengabashadile. Inhloso yethu ngokucubungula umthetho sifuna bonke abantu abashadile bavikeleke ngokufanayo, akukhathalekile ukuthi ngowesifazane noma yindoda," kusho uMthiyane.
Uthe ngo-2019/2020 kuke kwaba nezigcawu zokubonisana ebezihlelwe ngungqongqoshe, lapho bekudingidwa khona ngokuthi singavunyelwa yini isithembu sabesifazane.
Uthe abamabandla bebesichitha isithembu, kungakhathalekile ukuthi ngesendoda noma ngesowesifazane, abamasiko bebesichitha isithembu sabesifazane ekubeni izishoshovu ezigqugquzela ukulingana kwabesilisa nabesifazane zithi kumele sivunyelwe, ukuze kube nokulingana.
"Lapha bekubhekwa ukulingana ukuthi kusho ukuthini ngokomshado. Uma indoda ivumelekile ukuthi ithathe isithembu nowesifazane kumele avunyelwe ukuze kube nokulingana okugcizelelwa wuMthethosisekelo,“ kusho uMthiyane.
Uthe kulezi zigcawu abamasiko bebethi isithembu ngesendoda, owesifazane akakwazi ukuthi abe naso.
"Bebethi uma kungavunyelwa lokho kuzoba nenkinga ngendlela umndeni okumele uhleleke ngayo. Abamabandla bebethi kabasifuni nasemadodeni isithembu, indoda kumele ishade nowesifazane oyedwa."
UNkk Elizabeth Ritief wePolyamorySA, uthe kuyajabulisa ukuthi udaba olunjengalolu lubekwe ezithebeni nakuba kungakhulunywa ngqo ngesithembu sabesifazane.
"Lo mbhalo ohlongozayo (Green Paper) uzobe uqondisa ukungalingani okukhona. Bayidlanzana kakhulu abantu abakholelwa ekutheni umuntu wesifazane naye kumele avunyelwe ukuthi abe nesithembu, uma efisa ukwenze njalo. Ukuba khona komqulu okhuluma ngokulingana komshado kuyinto enhle kakhulu. Uma indoda kuvumelekile ukuthi ishade nabesifazane abaningi, nabesifazane kumele bavunyelwe uma befisa ukwenza lokho," kusho uNkk Ritief.
UMthiyane uthe uthando olunjengalolu kalujwayekile kodwa akhona amazwe anomthetho olawula umshado wabantu abakholelwa kuwona.
"Isithembu sivumelekile eChina, Kenya, India, Nigeria naseGhana," kusho yena
Ukuphawula ngalo mbhalo ohlongozayo kuvulwe kuze kube wuJuni 30.