KUYAQHUBEKA nanamuhla ukulalelwa kobufakazi ngeKwaSizabantu Mission, iKhomishini eVikela amaLungelo, amaSiko, iNkolo noLimi. Isithombe: Sigciniwe
UMFOWABO womfundisi waKwaSizabantu Misssion (KSM) ugxeka ukuvunywa kwezono athi bekusetshenziselwa ukucindezela abantu.
UMnuz Manfred Stegen umfowabo womsunguli wemishini yaKwaSizabantu, uMfundisi Erlo Stegen, utshele iKhomishini eVikela amaLungelo, amaSiko, iNkolo noLimi ukuthi uyahambisana nokuvunywa kwezono ngoba yinto eyayenziwa nawoDavide eBhayibhelini kodwa okwenziwa KwaSizabantu kuphambene naleyo nqubo.
“Izono zivunywa kuNkulunkulu kodwa KwaSizabantu zivunywa kwabanye abantu abayizethenjwa zakhona. Lolo lwazi lusetshenziselwa ukucindezela labo abavume izono ngoba kusuke kwaziwa ukuthi benzeni. Akuyona indlela le nqubo eyayenziwa ngayo eBhayibhelini. Laphaya kwenziwa udoti wodwa. Izingane ziyashaywa, zixoshwe zingaphethe lutho. Amantombazane uma eke abika ukuthi anukubeziwe kuthiwa yiwo aziphonse emadodeni. Kungani kugxekwe umuntu wesifazane ngokuziphatha kabi kwendoda?”
Uthe ukungaboni ngaso linye ngendlela yokuphathwa kwale mishini kwaholela ekutheni yena namanye amalungu omndeni ahlukane phakathi. Yena wahamba nonina nabanye abafowabo, umfowabo ongumfundisi wasala kule mishini kodwa usamthanda njengomfowabo azalwa naye.
Omunye wabagilwa obefakaza izolo uthe ngokubona kwakhe inkonzo yaKwaSizabantu ibilawula imiqondo yabantu.
“Ngafika ngineminyaka emihlanu, ngonyaka engafika ngawo ngahlolwa kade ngisekhaya kwathiwa angisekho msulwa. Kwathiwa angisho ukuthi ubani ongithintile ngaleso sikhathi ngangingaqondi nokuthi kukhulunywa ngani. Ngahlaliswa endlini emnyama ngavalelwa khona kuthiwa angisho ukuthi ubani ongithintile. Enye ingane encane yangihlebela efasteleni yathi angisho noma iliphi igama lomfana. Kusho ukuthi yona yayazi ukuthi impilo yalapha ukuqambela abanye abantu amanga ukuze uzivikele,” kuchaza obefakaza.
Ngemuva kwesikhashana uthe wahlolwa futhi kwathiwa uyintombi nto.
“Inhloso yaleli bandla kwakungukuthi sihlale sisaba, ungakwazi nokukhuluma ngokuhlukunyezwa. Ngokubona kwami inhloso kwakuwukuvikela ibandla,” kusho yena.
Kwenzeka lokhu nje akucaci noma namhlanje abaphathi bemishini yaKwaSizabantu bazofika yini esigcawini sekhomishini bezofakaza.
AbaKwaSizabantu bathumele isitatimende kwabezindaba bethi abamenywanga ukuthi bazokhuluma kulesi sigcawu futhi abaziswanga nokuthi sikhona.
Isitatimende esithunyelwe uNkk Ruth Combrink, sithe bezwe kwabezindaba ukuthi yibo abazokhuluma namhlanje.
“Kuyacaca ukuthi ikhomishini vele isisithathile isinqumo sokuthi imishini inephutha ekubeni ingakazikhulumeli. Leli ngelinye lamatulo okuketula uSizabantu,” kusho yena.
USihlalo wale khomishini, uSolwazi Luka Masoma, uthe isimemo basithumelela abaKwaSizabantu, bona baphendula ngokuthi ikhomishini ayize kubona eKranskop.
UMasoma uthe ngeke aqagele ukuthi namhlanje kuzokwenzekani, akwaziyo ukuthi lesi sigcawu sibizelwe ukuthi bazozwa ukuthi ngabe lezi zinsolo zokuhlukunyezwa okuthiwa zenzeke kuleli bandla ziyiqiniso yini nokuthi abaholi bemishini bazini ngazo.
“Kunezinsolo ezishaqisayo ngokuhlukunyezwa kwabantu kule mishini. Kunezinsolo ezithi abaphathi bebekufihla lokhu ngoba bevikela isithunzi semishini. Thina sibheka ukuthi kukhona yini ukunyathelwa kwesithunzi somuntu okwenzekile. Sifuna ukuthola ukuthi kwenzekeni kubo abasemishini akekho esesithe unecala,” kusho yena.