UMNUZ Duduzane Zuma ubevele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg eGoli ngoLwesithathu: Isithombe: Simphiwe Mbokazi/African News Agency(ANA)

UKUHIXIZA komshini wokuqopha izinkulumo enkantolo uphoqe ukuthi kuhlehle icala elibhekene noMnuz Duduzane Zuma. 

UDuduzane, oyindodana kaMnuz Jacob Zuma obengumengameli wezwe, ubevele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesithathu. UDuduzane ubhekene necala lokubulala ngokungenhloso elenzeka ngo-2014 lapho okwashona khona abantu ababili. Bekuwusuku lokuthi uDuduzane agibele ebhokisini alandise inkantolo ngokwenzeka ngosuku lwengozi.

IMantshi uYusuf Baba ithe ngeke bakwazi ukuqhubeka uma umshini wokuqopha ubheda. Ube esehlehlisa icala ukuba libuyeke enkantolo ngoLwesine.

Ngaphambi kokuthi icime imishini, uDuduzane ubeseqalile ukulandisa inkantolo ngokwenzeka. 

"Ngesikhathi sengozi izulu lalina ngamandla. Ngokuphazima kweso ngahluleka ukulawula imoto ngangena exhaphozini lamanzi ngahluleka ukubama isteering wheel. Angikaze ngizame ukuyimisa noma ukuyigijimisa kakhulu imoto, ngase ngisabela impilo yami. Ngiyazwelana nabo bonke abathinteka kule ngozi," usho kanje.

UDuduzane uke wazama ukufaka isicelo sokuthi achithwe amacala akhe kodwa inkantolo yamchitha yathi akashone khona enkantolo. Phambilini uphiko lwezokushishisa kuleli lawahoxisa amacala ayebhekene noDuduzane, ikhala ngokushoda kobufakazi. I-AfriForum yalivusa leli cala enkantolo njengoba lisaqhubeka namanje. 

UZuma onguyise kaDuduzane, ulokhu eyeseke njalo indodana yakhe uma ivele enkantolo njengoba ephinde wabonakala enkantolo ngoLwesithathu.