IKOMITI likazwelonke kwi-ANC eliqondisa ubugwegwe likuchithile ukumiswa kule nhlangano kwaloyo owayeyiphini likamengameli we-ANC Youth League, uMnuz Andile Lungisa.
ULungisa wamiswa izinyanga ezingu-18 wubuholi be-ANC e-Eastern Cape, kulandela ukuthi egwetshelwe icala lokufahlaza ngojeke wamanzi ekhanda ikhansela leDA, uMnuz Rano Kayser.
ULungisa wagwetshwa iminyaka emithathu ngaleli cala kepha wahlala kuphela izinyanga ezimbili, wabe esededelwa ngoshwele.
Ngesikhathi uLungisa edonsa isigwebo, ubuholi be-ANC e-Eastern Cape, bamthola enecala lokuphula imigomo yenhlangano.
Wabe esemiswa izinyanga ezingu-18 eqenjini.
Emva kokudedelwa ngoshwele, uLungisa wabe esephonsela inselelo isinqumo sokumiswa kwi-ANC.
Wanikela kwikomiti likazwelonke eliqondisa ubugwegwe, lapho aveza khona ukuthi akuzange kulandelwe imigudu ngesikhathi kuthathwa isinqumo sokumumisa.
Wayemiswe kanye kanye namanye amalungu e-ANC, uMnuz Phendule Mbewu, Nksz Nolusapho Nikani noNksz Tobeka Dumisa, bona abamiselwa ukungawulandeli umyalelo wobuholi besifundazwe.
Nawo la malungu akuphonsela inselelo ukumiswa kwawo.
Onke la macala abe esehlanganiswa.
Ikomiti likazwelonke libe selivuna la malungu.
ULungisa ubhale ekhasini lakhe leTwitter, lapho ezwakalise ukusamukela isinqumo sekomiti likazwelonke.
“Ngiyabonga ukuthi ikomiti likazwelonke lilandele iqiniso,” kusho uLungisa.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, ayizange iphumelele.