UDIDEKILE umndeni wowesilisa owagcina ukubonakala ngo-Agasti 6 ethunywe esitolo sangakubo eNkanyezini, eMgababa.
UNksz Zama Mnare, ongumakoti wakubo kwaNtokozo Cyril Mhlungu (22), uthe bakhathazekile ngokunyamalala kwakhe ngoba babemthume esitolo kodwa wangaphinde abuye.
“UNtokozo ufunda * -matric eMcothoyi High. Uyingane elalelayo engakaze ihambe ingabuyi ekhaya.
“Ngo-Agasti 6, ngamthuma esitolo ngamcela nokuthi angihambisele imali komunye umuzi.
“Ngaxakeka engasabuyi ekhaya ngayombheka lapho engangithe ahambise khona imali kwathiwa akazange afike, nasesitolo kwathiwa akafikanga. Sididekile ukuthi washonaphi ngoba sekuphele amasonto amabili edukile,” kusho uNksz Mnare.
Uthe uNtokozo udume ngegama likaTelele endaweni, uthanda ukujima nokufunda izincwadi zakhe zesikole.
“Sididekile ukuthi ukuphi uNtokozo ngoba akahambanga egqoke kahle ngesikhathi simthuma, wayezigqokele ophaqa bokuhlala ekhaya.
“Simbikile ukuthi udukile emaphoyiseni aseMkhomazi okwamanje abengakamtholi nawo.
“Siyacela abantu basilekelele ukumfuna ngoba sikhathazekile ngaye,” kusho uNksz Mnare.
UCol Thembeka Mbele, wamaphoyisa KwaZulu-Natal, ukuqinisekisile ukuthi babikelwa ngomuntu odukile eMkhomazi.
“Amaphoyisa aseMkhomazi asafuna odukile.
“Siyacela noma wubani onolwazi ngokuduka kwalo muntu ukuthi athinte amaphoyisa aseMkhomazi ku-039 973 6112 noma iCrime Stop ku-08600 10111. Udaba luphenywa nguD/SGT S Dube,” kusho uCol Mbele.