KULINDELEKE ukuthi senyuke isibalo sezikole ezicekelwe phansi nezinye ezishisiwe KwaZulu-Natal, yilabo abebefuna ukuzotapa impahla njengoba kumanje zingu-59.
Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz Kwazi Mshengu ngeSonto, ngenkathi ekhuluma kwiSABC, wathi basahlanganisa izibalo zezikole ezicekelwe phansi nezinye ezishisiwe esifundazweni, ngemva kwezibhelu zangeledlule nalapho bekutatshwa izimpahla ezitolo ezehlukene.
UMshengu uthe balindele ukuthi sinyuke isibalo salezi zikole.
“Silindele ukuthi isibalo sinyuke njengoba zingu-59 izikole ezicekelwe phansi ezinye zashiswa ezidinga ukulungiswa. Sihlaba ikhwelo lokuthi umphakathi uqhubeke uvikele izikole,” kusho uMshengu.
Uthe kwezinye izikole bebefuna ukuyotapa impahla efaka ukudla okuphekelwa abafundi nezinye izinsiza ezisetshenziswayo.
“Bathe uma bengazifici babe sebecekela phansi okunye. Kuzoba nezingqinamba njengoba sincishiselwe nesabelo sezimali ngoR6.3 billion, uma sekumele sithenge amagumbi angomahamba nendlwana azoyiswa ezikoleni ezishiselwe amagumbi,” kuchaza uMshengu.
Uthe abakazi ukuthi umonakalo uzoba wumalini ngoba ngulwazi olusaqoqwa. Othishanhloko njengoba bezobuyela ezikoleni kuleli sonto, uthe bazoqhubeka nokubheka baphinde babike umonakalo odalekile.
Uthe iningi lezikole ezicekelwe phansi ngezamabanga aphezulu. Kucekelwe izikole kanti namahhovisi omnyango awasalanga ngaphandle.
“Sihlaba ikhwelo emphakathini ukuthi iqhubeke ivikele izikole.”
Lezi zibhelu zidale omkhulu umonakalo kulesi sifundazwe, ophazamise nokufunda kukamatric obekumele uqale ngeledlule. Laba bafundi bebezophusha umsebenzi emva kokuhlaba ikhefu emuva kokuba uMengameli Cyril Ramaphosa, eyalela ukuthi zonke izikole zivalwe ngenxa yokwanda kwesibalo sabatheleleka ngeCovid-19, nokuthi izwe lase libekwe esigabeni sesine somvalelandlini.
UDkt Barney Mthembu iPhini loMqondisi jikelele kulo mnyango, uthe phakathi kwezikole ezishisiwe kukhona nesisePhoenix.
Kuyaziwa ukuthi ibhekene ngeziqu zamehlo phakathi kwamaNdiya nabamnyama abahlala ezindaweni ezakhele le ndawo, njengoba kuthiwa bangaphezu kuka-20 abantu ababulewe kule ndawo selokhu kuqale izibhelu.
UMthembu uthe benza konke okusemandleni ukusiza abafundi bakamatric njengoba bephazamisekile nje ngenxa yokuvalwa kwezwe kanjalo nezibhelu ezibekhona.