USHAQEKILE umphakathi waseBilanyoni, eDumbe, emuva kokudutshulwa kukathisha eyongena esikoleni afundisa kuso ngowesilisa okuthiwa wayeyisoka ebelingafuni ukwaliwa.
Isolezwe lithole ukuthi uthisha (35) udutshulwe ngehora lesikhombisa ngoMsombuluko ekuseni eyongena emasangweni aseMseni Primary, eNtshenteka Reserve.
IMeya yaseDumbe, uMnuz Majuba Mavuso esuka kwi-ward eyodwa nalapho kuhlala khona umufi, ithe bashaqekile bewumphakathi ngokubulawa kwakhe.
“Intombazane esencane kabi lena eshonile, siphatheke kabi ngokubulawa kwayo. Siphuma kwi-ward eyodwa mina nayo. Kusishaqisile okwenzekile ngoba asihambisani ngokuhlukunyezwa kwabesifazane. Ngokuthola kwethu, umsolwa useke wavulelwa icala emuva kokusongela umufi. Kuthiwa wehle emotweni wadubula uthisha obehamba nomunye uzakwabo osesibhedlela emuva kokulimala kulesi sigameko.”
Uthe lesi sigameko sibaphathe kabi kodwa babonga umphakathi osukumele phezulu wasiza amaphoyisa ngomkhondo oholele ekutheni kuphume ngisho awaseVryhied ezolekelela awaseDumbe, kwajahwa umsolwa obesebaleke ngemoto ebihamba uthisha waze wayofika ngasemngceleni weNingizimu Afrika neSwatini.
“Siyacela uhulumeni aqinise ezokuphepha ezikole ukuze kuphephe othisha nabafundi. Siyabonga emaphoyiseni asukumele phezulu futhi sizoya enkantolo uma umsolwa esevela ukuze siphikise isicelo sebheyili,” kusho uMavuso.
Uthisha obefundisa eMseni Primary uNksz Samukelisiwe Nkabinde okusolakala ukuthi ubulawe wowayeyisoka lakhe obengafuni ukwaliwa. Isithombe: SITHUNYELWE
UMnuz Muzi Mahlambi, ophethe ezokuxhumana eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe sibashaqisile isigameko sokubulawa kukathisha wabo, wadlulisa amazwi enduduzo emndenini.
“Sizwelana kakhulu nomndeni nezihlobo zikathisha nabasesikoleni. Kusiphethe kabi ukushona kwakhe eyofundisa izingane. Sifisela nozakwabo kamufi olimele kulesi sigameko ukuthi asheshe alulame. Sibonga umphakathi olume amaphoyisa indlebe, uwazisa umkhondo kamsolwa ogcine eboshiwe,” kusho uMahlambi.
UBrigadier Jay Naicker okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe abesifazane ababili bebeya emsebenzini eNtshenteka Reserve ngesikhathi indoda engaziwa ivulela ngenhlamvu.
UMmangalelwa uMnuz Thami Xolani Dlamini ubingelele iMantshi yaseVryheid ngoLwesithathu
“Kuye kwalimala umshayeli (35) ogcine ngokushona kwathi umgibeli waphuthunyiswa esibhedlela lapho ethola khona ukwelashwa. Umsolwa ube esebaleka ngemoto kamufi. Amaphoyisa aseVryheid aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala. Umsolwa uboshiwe emuva kokuzama ukubalela kodwa amaphoyisa alandele umkhondo wagcina etholakele. Uzovela enkantolo maduze.” kusho uNaicker ngoMsumbuluko.
Umsolwa uMnuz Thami Xolani Dlamini uvele enkantolo yeMantshi eVryheid ngoLwesithathu.