UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Nonhlanhla Khoza uthi ufuna kwenzeke ubulungiswa ngokubulawa kukasonhlalakahle.
Usonhlalakahle, uNkk Sithembile Vilakazi (34) ubulawe ngesihluku ngesikhathi evala isango lomuzi wakhe eHenley Village, eMgungundlovu.
Ukuhlaselwa kukaNkk Vilakazi kwenzeke emva kwezinyanga ezintathu kwabulawa ngesihluku umyeni wakhe, uMnuz Sibusiso Vilakazi ngo-Okthoba nyakenye.
UNkk Khoza uthe akakholwa ukuthi kukhona umuntu ongavele afune ukuthatha impilo kasonhlalakahle, umuntu oseqhulwini ekulweni nokubulawa kwabantu besifazane nezingane emiphakathini.
“Abahlaseli abanonya babe nesibindi sokudubula babulale umuntu wesifazane ongenacala phambi kwezingane zakhe,” kusho uNkk Khoza.
UNkk Khoza usenxuse izinhlaka zomthetho ukuthi zenze konke okusemandleni azo ukuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi bayabanjwa, babhekane nengalo yomthetho.
Unxuse umphakathi ukuthi nawo ungenele ngokulekelela amaphoyisa ukuthi abambe izigilamkhuba.
Uthe ukubulawa kukasonhlalakahle kuhlukumeza umphakathi wonke kwazise osonhlalakahle banikezwe umsebenzi obaluleke ngendlela eyisimanga ukuhlenga impilo yalabo abangakwazi ukuzisiza.
Uthe kuyadabukisa ukuthi ababulali ababange besazihlupha ngokucabanga ukuthi uma bebulala uNkk Vilakazi kuzosala izingane eziyizintandane.
UNkk Vilakazi ubesebenza emahhovisi aseVulindlela. Bese esebenzele khona iminyaka eyishumi.
Umyeni kamufi naye wayesebenza ehhovisi elifanayo njengosonhlalakahle. Yena wahlaselwa wabulawa e-Elandskop khona eMgungundlovu.