KUTHUNGATHWA abasolwa ngokuthela othulini ngenhlamvu usomatekisi oyisikhulu seqembu lebhola oThongathi, ngoMsombuluko ebusuku.
UMnuz Nicholas “Nico” Mkhize (52) udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngabo-8 ebusuku ngoMsombuluko.
Isolezwe ithole ukuthi usomatekisi ubenomhlangano kwenye yezindawo zokudlela kuthe esephuma kuyo wadutshulwa, abamdubule maqede babaleka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe basezithendeni zababulali.
“Amaphoyisa asoThongathi avule icala lokubulala kulandela ukudutshulwa kwalo somatekisi. Ngokophenyo olusenziwe udutshulwe emlonyeni nasesifubeni washonela endaweni yesigameko. Imbangela yokubulawa kwakhe ayaziwa kodwa siyaphenya, akekho oseboshiwe,” kusho uColonel Mbele.
USihlalo kasoseshini wasoThongathi, iSiqalokuhle, uMnuz Bhekukwenza Sibisi, ukhale kakhulu ngokuhlaselwa kukaMkhize.
“Sidumele futhi simangele ngokubulawa kukamufi ngoba ubengumuntu olusizo kakhulu. Ngokwazi kwami akukho zinxushunxushu ezikhona kulo soseshini wethu. UNico ubeyiphini lami sisebenzisana kahle naye. Siphatheke kabi sonke kulo soseshini ngokwenzekile ngoba ubeyindoda esebenza ngokuzikhandla,” kusho uSibisi.
Ngaphandle kokusebenza kulo soseshini, uMkhize ubephinde abe namatekisi kusoseshini waKwaDukuza, eneqembu lakhe lebhola uThongathi F.C abuye abe namanye amabhizinisi.
USihlalo weKwaZulu-Natal Taxi Alliance, uMnuz Jabulani Mazibuko, uthe umbango wasematekisini nomona yikona okuholela ekutheni babulalane bodwa.
“Namanje kusaqhubeka ukubulawa kosomatekisi ngenxa yemibango yemizila nomona. Kuyaxaka ukuthi nango-2018 kusekhona osomatekisi ababulawayo. Siyanxusa ukuba uhulumeni angenelele ukuze kuphele lokhu kuklwebhana. Kwenza ibe negama elibi le mboni ukubulawa kwabantu mihla namalanga,” kusho uMazibuko.
Amaphoyisa anxuse ongaba nolwazi ngokubulawa kukasomatekisi ukuba awabikele.
Indodana kaMkhize, ecele ukungadalulwa, ithe bazolinda uphenyo lwamaphoyisa ngembangela yokubulawa kukayise.
“Ubaba ubephuma emhlanganweni webhola kwenye indawo yokudlela. Ubesakhuluma ocingweni ngesikhathi edutshulwa. Asazi kungani ebulewe, asazi nokuthi ubekhuluma nobani ngesikhathi ehlaselwa. Ucingo lwakhe luthathwe amaphoyisa. Sizolinda uphenyo lwawo,” kusho indodana.
Ushiye izingane nonkosikazi uMaNhlumayo.
UNgqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe kumele amaphoyisa abophe abasolwa ngokushesha.
“Sicela nomphakathi usisize kuboshwe abasolwa,” kusho uKaunda.